Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 12:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Bakhona abakhuluma njengokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphileyo luphilile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Bakhona abaphahluka njengokuhlaba kwenkemba, kepha izilimi zabahlakaniphileyo ziyimpiliso.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Ukukhuluma kwabanye ngokuhlaphaza kufana nokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphileyo luyaphilisa.

Gade chapit la Kopi




IzAga 12:18
17 Referans Kwoze  

Amazwi amnandi anjengekhekheba lezinyosi, amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni.


Ulimi olunempilo lungumuthi wokuphila, kepha ukuphamba kwalo kungukuphuka komoya.


Umphefumulo wami uphakathi kwezingonyama, futhi ngilala phakathi kwabashiswa umlilo, amadodana abantu amazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo, nolimi lwabo luyinkemba ebukhali.


Ulimi lwakho luceba okubi; njengensingo ebukhali esebenza ngokukhohlisa.


Abahlakaniphileyo phakathi kwezizwe bayofundisa abaningi, kodwa bayokuwa izinsuku eziningi ngenkemba, nangelangabi, nangokuthunjwa nangokuphanga.


Umuntu ofakaza amanga ngomakhelwane wakhe uyisambatho nenkemba nomcibisholo obukhali.


Izindebe zabahlakaniphileyo zisakaza ukwazi, kepha inhliziyo yeziwula ayikwenzi lokho.


Isithunywa esibi siwela ebubini, kodwa isithunywa esithembekileyo siyimpiliso.


Ngoba kungukuphila kwabakutholayo, nempilo kuyo yonke inyama yabo.


abalola ulimi lwabo njengenkemba, bansala imicibisholo yabo, yebo, amazwi ababayo;


Phakathi kwesitaladi sawo nangaphesheya komfula kwakukhona umuthi wokuphila, othela izithelo eziyishumi nambili, uthela isithelo sawo inyanga nenyanga, namahlamvu omuthi angawokuphulukisa imimoya izizwe.


Esandleni sakhe sokunene wayephethe izinkanyezi eziyisikhombisa, nasemlonyeni wakhe kuphuma inkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, nobuso bakhe bunjengelanga elikhanya ngamandla alo.


Bheka, bayaxokozela ngomlomo wabo; izinkemba zisezindebeni zabo; ngoba bathi ngubani ozwayo?


Okhuluma iqiniso uveza ukulunga, kepha ufakazi wamanga uyakhohlisa.


Phakamisa wena Nkulunkulu phezu kwamazulu; inkazimulo yakho mayibe phezu komhlaba wonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite