Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 12:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Omubi ubanjwa ngesiphambeko sezindebe zakhe, kepha olungileyo uyaphuma ekuhluphekeni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngokuphambeka kwezindebe kukhona ugibe lomubi, kepha olungileyo uyaphuma ekuhluphekeni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Omubi ubanjwa ukuphambuka kwakhe kwakusho ngomlomo wakhe, kodwa olungileyo uyaphuma enkathazweni.

Gade chapit la Kopi




IzAga 12:13
21 Referans Kwoze  

Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakhe ulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.


Olungileyo uyasindiswa ekuhluphekeni, lomubi angene endaweni yakhe.


Bazayekela olwabo ulimi luwele phezu kwabo; bonke abababonayo bazabaleka.


Inkosi yasilaya, alethwa amadoda ayemangalele uDaniyeli, awaphosela emphandwini wezingonyama, wona, nabantwana bawo, nawomkawo; amabhubesi ababamba, bawaphula onke amathambo abo, noma baze bafika phansi emgodini.


Uyabanjwa ngamazwi omlomo wakho, ubanjwe ngamazwi omlomo wakho.


INkosi iyakwazi ukukhulula ezilingweni abamesabayo, nokugcinela abangalungile usuku lokwahlulelwa, bajeziswe;


Kuhle ukulibamba; yebo, ungasihoxisi isandla sakho kulokhu, ngokuba lowo omesabayo uNkulunkulu uyophuma kukho konke.


Base bephendula abantu bonke, bathi: Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.


Ulimi lwabahlakaniphileyo lusebenzisa ulwazi ngokufanele, kodwa umlomo weziwula uthulula ubuwula.


Izinhlupheko zolungileyo ziningi, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.


Uyakubhubhisa abakhuluma kabi; uJehova uyamenyanya umuntu wegazi nokhohlisayo.


Inkosi uSolomoni yasifunga uJehova, yathi: “UNkulunkulu makenze lokhu kimi, futhi kanjalo, uma u-Adoniya engakhulumanga leli zwi ngokumelene nomphefumulo wakhe.


UDavide wabaphendula uRekabi noBahana umfowabo, amadodana kaRimoni waseBeyeroti, wathi kubo: “Kuphila kukaJehova owuhlengile umphefumulo wami osizini lonke!


Ingelosi eyangikhulula ebubini bonke ibusisa abafana; igama lami malibizwe phezu kwabo negama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; futhi mabakhule babe yisixuku phakathi komhlaba.


Ngenxa yesono somlomo wabo nangenxa yamazwi ezindebe zabo, mabaziqhenye ngisho nasekuziqhenyeni kwabo, nangenxa yesiqalekiso namanga abawakhulumayo.


Ukufa nokuphila kusemandleni olimi, nabaluthandayo bayakudla isithelo salo.


Uyawalonda onke amathambo akhe; akekho kubo ophukile.


Baqede ngokuthukuthela, baqede, bangabi khona; futhi mabazi ukuthi uNkulunkulu uyabusa kwaJakobe kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela.


Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakwamukela imiyalo, kepha isiwula esitshiyozayo siyakuwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite