Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 11:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Inotho ayisizi ngosuku lolaka, kodwa ukulunga kophula ekufeni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kepha ukulunga kophula ekufeni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kodwa ukulunga kuyahlenga ekufeni.

Gade chapit la Kopi




IzAga 11:4
15 Referans Kwoze  

Ingcebo yobubi ayisizi lutho, kepha ukulunga kusindisa ekufeni.


Isiliva labo negolide labo ngeke libe namandla okubasindisa ngosuku lolaka lweNkosi; kodwa umhlaba wonke uzaqedwa ngomlilo womhawu wakhe;


Wayesethi uJehova kuNowa: “Ngena emkhunjini wena nendlu yakho yonke; ngoba ngikubonile ulungile phambi kobuso bami kulesisizukulwana.


Bayophonsa isiliva labo ezitaladini, negolide labo liyomuka; isiliva labo negolide labo ngeke libe namandla okubasindisa ngosuku lolaka lukaJehova; ngeke banelise imiphefumulo yabo futhi bagcwalise izibilini zabo. Ngoba lokhu kuyisikhubekiso sobubi babo.


Ngokuba ukuqeqesha umzimba kusiza kancane, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhukuphila, nalokho okuzayo.


Kodwa uNkulunkulu wathi kuye: Siphukuphuku, ngalobubusuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe;


Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na?


Ngokuba uma ngesiphambeko somuntu oyedwa ukufa kwabusa ngalowo munye; kakhulukazi abemukela ukuvama komusa nokwesipho sokulunga bayakubusa ekuphileni ngalowo munye, uJesu Kristu.


Endleleni yokulunga kukhona ukuphila; futhi endleleni yawo akukho ukufa.


Ngokuba isikhwele siyintukuthelo yendoda; ngakho-ke kayikuyekela ngosuku lokuphindisela.


Izithelo zendlu yakhe ziyakumuka, nempahla yakhe iyakugobhoza ngosuku lolaka lwakhe.


Niyakwenzani ngosuku lokuhanjelwa nasekubhujisweni okuvela kude na? niyakubalekela kubani nifuna usizo na? futhi uyoyishiyaphi inkazimulo yakho?


Ngisho noma la madoda amathathu, uNowa, uDaniyeli noJobe, ebekhona kulo, ayeyosindisa umphefumulo wawo kuphela ngokulunga kwawo, isho iNkosi uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite