Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 11:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Njengobe ukulunga kuholela ekuphileni, kanjalo nophishekela okubi ulandela kuze kube sekufeni kwakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Oqinile ekulungeni uyakuphila, kepha olandela okubi, kuyakuba ngukufa kwakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Ogxilile ekulungeni uyakuphila, kepha olandela okubi kuyakuba ngukufa kuye.

Gade chapit la Kopi




IzAga 11:19
18 Referans Kwoze  

Umshikashika wolungileyo uholela ekuphileni, isithelo somubi siholela esonweni.


Ukumesaba uJehova kungukuphila, kepha onakho uyakwaneliswa; akayikuhanjelwa ngobubi.


Endleleni yokulunga kukhona ukuphila; futhi endleleni yawo akukho ukufa.


Kodwa owona kimi ulimaza umphefumulo wakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.


Ngalokhu babonakaliswa abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane: yilowo nalowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, nalowo ongamthandi umzalwane wakhe.


Bantwanyana, maningadukiswa muntu; owenza ukulunga ulungile, njengokuba naye elungile.


Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa; kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.


Kodwa ezizweni zonke omesabayo lowenza ukulunga uyamukeleka kuye.


Inotho ayisizi ngosuku lolaka, kodwa ukulunga kophula ekufeni.


Khona lapho inkanuko isithathile, ibeletha isono;


Umuntu oduka endleleni yokuqonda uyakuhlala ebandleni labafileyo.


Kumelwe nilandele okulungile ngokuphelele, ukuze niphile futhi nidle ifa lezwe uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona.


Ngakho-ke, manje, usho kanje uJehova, uthi: Ngeke wehle kulowo mbhede okhuphukele kuwo, kepha uyakufa nokufa. U-Eliya wahamba.


Wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngenxa yokuthi uthume izithunywa ukuyabuza kuBali Zebhubi unkulunkulu wase-Ekroni, akungoba kungekho Nkulunkulu kwa-Israyeli ongabuza izwi lakhe na? ngalokho ungehli kulowo mbhede okhwele kuwo, kepha uyakufa nokufa.


Ophishekela ukulunga nesihawu uthola ukuphila nokulunga nodumo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite