Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 11:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngesibusiso sabaqotho umuzi uyaphakanyiswa, kodwa ngomlomo wababi uyachithwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngesibusiso sabaqotho umuzi uyaphakanyiswa, kepha ngomlomo wababi uyachithwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Ngesibusiso sabaqotho umuzi uyaphakanyiswa, kepha ngomlomo wezikhohlakali ucekelwa phansi.

Gade chapit la Kopi




IzAga 11:11
14 Referans Kwoze  

Ukulunga kuyasiphakamisa isizwe, kodwa isono siyisihlamba ebantwini bonke.


Amaqhawe afaka umuzi ogibeni, kepha abahlakaniphileyo babuyisa ulaka.


nolimi lungumlilo, izwe lokungalungi, lunjalo nolimi phakathi kwezitho zethu, lungcolisa umzimba wonke, luthungela inkambo yemvelo; futhi uthungelwa umlilo wesihogo.


Kwafunyanwa kuwo indoda empofu ehlakaniphileyo, yawusindisa umuzi ngokuhlakanipha kwayo; nokho akakho owamkhumbula lowo muntu ompofu.


Uyakusindisa isiqhingi sabangenacala, sisindiswe ngokuhlanzeka kwezandla zakho.


Kwaba khona umuntu kaBheliyali ogama lakhe linguSheba, indodana kaBigi umBenjamini; wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, futhi asinafa endodaneni kaJese.” Yilowo nalowo makaye ematendeni akhe, Israyeli!


Manje akunina ongithume lapha, kodwa uNkulunkulu; wangimisa ngaba nguyise kuFaro, nombusi wendlu yakhe yonke, nombusi ezweni lonke laseGibithe.


Lapho kuhambela kahle kwabalungileyo, umuzi uyajabula; nalapho ababi bebhubha, kukhona ukuthokoza.


Ongenakuhlakanipha uyadelela umakhelwane wakhe, kepha umuntu onengqondo uyazithulela.


Izikhulu zalo ziningi phezu kwesiphambeko sezwe, kepha ngomuntu onokuqonda nokwazi isimo salo siyakwandiswa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite