Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 10:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisiwe, kodwa ibizo lababi lizabola.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisekile, kepha igama lababi liyabola.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Ukukhunjulwa kolungileyo kuyisibusiso, kepha igama lezikhohlakali liyakubola.

Gade chapit la Kopi




IzAga 10:7
20 Referans Kwoze  

Impela akayikuzanyazanyiswa kuze kube phakade; olungileyo uyakuba sesikhumbuzini esiphakade.


Ngokuba ubhekile ubuphansi bencekukazi yakhe, ngokuba bheka, kusukela manje izizukulwane zonke ziyakuthi ngibusisiwe.


Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho elizashunyayelwa khona lelivangeli emhlabeni wonke, nalokhu akwenzileyo kuyakukhulunywa ngakho, kube yisikhumbuzo ngaye.


Inzalo yakhe mayinqunywe; igama labo malisulwe esizukulwaneni esilandelayo.


Bammbela emzini kaDavide phakathi kwamakhosi, ngokuba wayenze okuhle kwa-Israyeli, kuNkulunkulu nasendlini yakhe.


Mababe phambi kukaJehova njalo, ukuze asuse ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.


Inkumbulo yakhe iyoshabalala emhlabeni, futhi ngeke abe negama ezitaladini.


Ngokuba ngiyakuwuvikela lo muzi ukuba ngiwusindise ngenxa yami nangenxa kaDavide inceku yami.


Indodana yakhe ngizayinika isizwe esisodwa, ukuze inceku yami uDavida ibe lokukhanya njalo phambi kwami eJerusalema, umuzi engizikhethele wona ukuthi ngimise khona ibizo lami.


Ngase ngibona ababi bengcwatshwa, ababephuma besuka endaweni engcwele, bakhohlwa emzini ababekwenza kuwo; futhi kuyize.


Amadoda ayomshayelela izandla amshaye ikhwelo asuke endaweni yakhe.


Jehova, themba lika-Israyeli, bonke abakushiyayo bayakuba namahloni, nabasuka kimi bayakulotshwa emhlabeni, ngokuba beshiyile uJehova, umthombo wamanzi aphilayo.


UHezekiya wayeselala koyise, bammbela enhloko yamathuna amadodana kaDavide; wonke uJuda nabakhileyo eJerusalema bamdumisa ekufeni kwakhe. UManase indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Isizalo siyamkhohlwa; impethu iyakumdlisa kamnandi; ngeke esakhunjulwa; nobubi buyophulwa njengomuthi.


Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi ukuba asuse ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.


Igama elihle lingcono ukukhetha kunengcebo eningi, nomusa kunesiliva negolide.


Ngokuba ngiyakubavukela, usho uJehova Sebawoti, nginqume eBabele igama, nensali, nendodana, nomshana, isho iNkosi.


Abalungileyo bayabiza, uJehova uyezwa, abakhulule kuzo zonke izinhlupheko zabo.


Izitha zami zikhuluma kabi ngami, zithi: Uyokufa nini, igama lakhe libhubhe na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite