Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 10:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 Isibusiso sikaJehova siyacebisa, akenezeli usizi kuso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Isibusiso sikaSimakade siyacebisa; akenezeleli usizi kuso.

Gade chapit la Kopi




IzAga 10:22
31 Referans Kwoze  

Wababusisa, banda kakhulu; futhi mabashanele hhayi kancane.


U-Isaka wahlwanyela kulelo zwe, wazuza ngokuphindwe kayikhulu ngawo lowo mnyaka, uJehova wambusisa.


UJehova ubusisile kakhulu inkosi yami; wakhula, wamnika izimvu, nezinkomo, nesiliva, negolide, nezinceku, nezincekukazi, namakamela, nezimbongolo.


Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu; futhi uzakuba yisibusiso.


Ngokuba ababusisiweyo nguye bayakudla ifa lomhlaba; lalabo abaqalekisiweyo nguye bazaqunywa.


Ifa lingatholwa ngokuphangisa ekuqaleni; kodwa ukuphela kwawo akuyikubusiswa.


U-Abrama wayecebile kakhulu ngemfuyo, nangesiliva nangegolide.


Ojahe ukuceba uneso elibi futhi akacabangi ukuthi ubumpofu buyomehlela.


Ngiyakuwukhipha,” usho uJehova Sebawoti, “uyongena endlini yesela nasendlini yalowo ofunga amanga ngegama lami; iyakuhlala phakathi kwendlu yayo, iyiqede nezinkuni zayo namatshe ayo.


ukuthi kangiyikuthatha kusukela entanjeni ngiye entanjeni yesicathulo, njalo kangiyikuthatha okungokwakho, ongatshongo ukuthi: Mina ngamcebisa uAbrama.


Kumelwe niziqaphe empahleni eyenqatshelwe, funa niqalekiswe, uma namukela empahleni echithiweyo, nenze ikamu lika-Israyeli libe yisiqalekiso, niliqalekise.


Futhi kumelwe ukhulume kuye uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Ingabe ubulele wathatha futhi? Uzakhuluma kuye, uthi: Usho kanje uJehova, uthi: Endaweni lapho izinja zaxhapha khona igazi likaNabhoti, izinja ziyakukhotha igazi lakho, okungukuthi eyakho.


Indoda yakhula, yaqhubeka ikhula, yaze yaba nkulu kakhulu.


Manje bheka, sengilethile ulibo lwezwe onginike lona, Jehova. Kumelwe uwubeke phansi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho futhi ukhothame phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho.


UJehova uyakukwenza ube nokuchichima kokuhle, esithelweni sesisu sakho, nasesithelweni sezinkomo zakho, nasesithelweni sezwe lakho, ezweni uJehova alifungela oyihlo ukukunika lona.


U-Amasiya wayesethi kulowo muntu kaNkulunkulu: “Kepha siyakwenzani ngamatalenta ayikhulu engalinika impi yakwa-Israyeli na?” Umuntu kaNkulunkulu wasesithi: I Nkosi inamandla okukunika okungaphezu kwalokho.


Ukuze abangithandayo ngibenzele ifa lokuhle; ngigcwalise ingcebo yabo.


Umqhele wabahlakaniphileyo uyinotho yabo, kepha ubuwula beziwula buwubuwula.


Ekupheleni kwezinsuku eziyishumi ubuso babo babonakala buhle kakhulu, zikhuluphele kunabo bonke abantwana abadla ukudla kwenkosi.


UJabezi wakhuleka kuNkulunkulu ka-Israyeli, wathi: “O, uma ubufuna nokungibusisa, wandise umkhawulo wami, isandla sakho sibe nami, ungivikele ebubini, ngingadabuki! Futhi uNkulunkulu wamnika lokho akucelayo.


UHezekiya wayenengcebo nodumo oluningi kakhulu, wazenzela izinqolobane zesiliva nezegolide, namatshe ayigugu, neziqholo, nezihlangu, nazo zonke izinhlobo zezinto eziyigugu;


Wamnika nemizi nemfuyo yezimvu neyezinkomo ngobuningi, ngokuba uNkulunkulu wayemnike impahla eningi.


Kuyize ukuthi nivuke ekuseni, nilale ebusuku, nidle isinkwa sosizi; ngoba ulalisa othandiweyo wakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite