Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 10:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ebuningini bamazwi isono asintuli, kepha obamba izindebe zakhe uhlakaniphile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Lapho amazwi emaningi khona, akuphuthi ukuphambeka; obamba umlomo wakhe uhlakaniphile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Lapho kunokukhuluma okuningi akupheli ukona; othiba ulimi lwakhe uhlakaniphile.

Gade chapit la Kopi




IzAga 10:19
13 Referans Kwoze  

Ngokuba siyakhubeka ngokuningi sonke. Uma umuntu engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda epheleleyo, enamandla okulawula nomzimba wonke njengetomu.


Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, wonke umuntu makasheshe ukuzwa, ephuze ukukhuluma, ephuze ukuthukuthela;


Ngokuba iphupho liza ngobuningi bezindaba; izwi lesiwula laziwa ngamazwi amaningi.


Kumholi wokuhlabelela, kuze kufike kuJeduthuni, ihubo likaDavide. Ngathi: “Ngiyakuqaphela izindlela zami, ukuze ngingoni ngolimi lwami; Ngizolinda umlomo wami ngetomu lapho omubi ephambi kwami.


Ubuningi bamazwi abunakuphendulwa na? Umuntu okhulumayo angalungisiswa na?


Ukufa nokuphila kusemandleni olimi, nabaluthandayo bayakudla isithelo salo.


Ungasheshi ngomlomo wakho, futhi inhliziyo yakho mayingasheshi ukukhuluma phambi kukaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu usezulwini, wena usemhlabeni; ngakho-ke amazwi akho kufanele abe mancane.


Ongenakuhlakanipha uyadelela umakhelwane wakhe, kepha umuntu onengqondo uyazithulela.


Olahlwayo uyambula izimfihlakalo, kepha othembekile emoyeni uyayifihla indaba.


Umuntu ohlakaniphileyo uyafihla ulwazi, kodwa inhliziyo yeziwula imemezela ubuwula.


Qaphela unyawo lwakho lapho uya endlini kaNkulunkulu, futhi uthande ukuzwa kunokunikela ngomhlatshelo weziwula; ngoba kabacabangi ukuthi benza okubi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite