Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 1:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 Phendukelani ekukhuzeni kwami; khangelani, ngizathululela uMoya wami phezu kwenu, ngizakwazisa amazwi ami kini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Buyani ngokusola kwami; bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu, nginazise amazwi ami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Buyani ngenxa yokusola kwami, lalelani, manginithululele okusemoyeni wami, nginazise amazwi ami.

Gade chapit la Kopi




IzAga 1:23
26 Referans Kwoze  

Wothi kubo: Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, kangithokozi ngokufa komubi; kodwa ukuthi omubi aphenduke endleleni yakhe nokuphila. Ngoba lizafelani lina ndlu kaIsrayeli?


Ngakho-ke phendukani, niguquke, ukuze kusulwe izono zenu, ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa zivela ebusweni beNkosi;


Emva kwalokho ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, amaxhegu enu aphuphe amaphupho, nezinsizwa zenu zibone imibono.


uMoya aze athululelwe phezu kwethu evela phezulu, logwadule luthiwe luyinsimu evundileyo, lensimu evundileyo njengehlathi.


kodwa ngabika kuqala kwabaseDamaseku, naseJerusalema, nakuzo zonke izindawo zaseJudiya, nakwabezizwe, ukuba baphenduke, baphendukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka.


Ngakho-ke uma nina enibabi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele na?


Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nokunxusa; futhi bayongibheka mina abangigwazayo, futhi bayomlilela njengoba nje umuntu elilela indodana yakhe eyodwa, futhi bayoba munyu kuyo, njengomuntu omunyu ngenxa yezibulo lakhe.


Othanda ukulaywa uthanda ukwazi, kodwa ozonda ukusolwa uluhlaza.


Yehlani, mazulu, phezulu, izulu linise ukulunga; Mina, Jehova, ngikudalile.


Ovame ukwenza lukhuni intamo yakhe ngokusolwa uyachithwa ngokuzumayo, kungabikho ukuphulukiswa.


Ogcina ukulaywa usendleleni yokuphila, kepha owala ukusolwa uyaduka.


(Ihubo lokudumisa likaDavide.) Ngiyakukubonga, Nkulunkulu wami, nkosi; ngiyakulidumisa igama lakho kuze kube phakade naphakade.


O Israyeli, phendukela kuJehova uNkulunkulu wakho; ngoba uwile ebubini bakho.


Phendukani nina bantwana bahlukumezi, usho uJehova; ngoba nginigane, futhi ngizonithatha abe munye emzini nababili emndenini, nginiyise eSiyoni.


Abezwanga lutho ngesiluleko sami; badelela konke ukusola kwami.


Ngokuba umyalo uyisibani; futhi umthetho ungukukhanya; nokusola kokufundisa kuyindlela yokuphila;


Kodwa kalilalelanga iseluleko sami, kalifunanga ukusolwa kwami.


(Kepha lokhu wakusho ngoMoya ababezakwamukeliswa abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngokuba uJesu wayengakakhazinyuliswa.)


Niyokwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyeli nokuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu, akasiye omunye; futhi abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.


Ngokuba bhekani, ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi, lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaJuda neJerusalema,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite