Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 1:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 Koze kube nini nina zithutha nithanda ubuwula? nezideleli zijabulela ukuklolodela, neziwula zizonda ukwazi?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 “Koze kube nini iziwula zithanda ubuwula, nezideleli zijabula ukudelela, neziwula zizonda ukwazi, na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 “Kuyoze kube nini ziwula ndini nithanda ubuwula, nani zedeleli, nithokoziswa ngukweyisa, nani ziwula nizonda ulwazi na?

Gade chapit la Kopi




IzAga 1:22
34 Referans Kwoze  

Wathi: “Yeka ukuzonda kwami ukulaywa nokusola inhliziyo yami iyakweyisa;


Ngokuba bazonda ukwazi, abakhethanga ukumesaba uJehova;


Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, ongemi endleleni yezoni, ongahlali esihlalweni sobukhosi sabaklolodayo.


UMoya nomlobokazi bathi: Woza. Nozwayo makathi: Woza. Nowomileyo makeze. Futhi yilowo nalowo othanda makathathe amanzi okuphila ngesihle.


nikwazi lokhu kuqala, ukuthi ngezinsuku zokugcina kuyakufika abahleki bosulu, behamba ngezinkanuko zabo;


Ngokuba yilowo nalowo owenza okubi uzonda ukukhanya, akezi ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ingasolwa.


esithi: Aluba ubusazi lawe ngalolusuku lwakho, izinto zokuthula kwakho! kepha manje zifihliwe emehlweni akho.


Kodwa hambani nifunde ukuthi kusho ukuthini ukuthi: ‘Ngithanda isihawu, hhayi umhlatshelo,’ ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.


Lapho isideleli sijeziswa, ongenalwazi uyahlakanipha; uma ohlakaniphileyo efundiswa, uyakwamukela ukwazi.


Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunywe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho, njengesikhukhukazi sibuthela amatshwele aso ngaphansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga!


UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? koze kube nini nginibekezelela? mletheni lapha kimi.


Izahlulelo zilungiselwe izideleli, nemivimbo imiselwe imihlane yeziwula.


Isideleli asithandi noma ubani omlayayo, futhi akayi kwabahlakaniphileyo.


Isideleli sifuna ukuhlakanipha, singakutholi, kepha ukwazi kulula koqondileyo.


Nina bangenalwazi, qondani ukuhlakanipha, nani ziwula, hlakaniphani ngenhliziyo.


Bheka, phakathi kwabangenalwazi ngabona phakathi kwabasha insizwa engenangqondo.


Uyolala kuze kube nini, sivila? uyakuvuka nini ebuthongweni bakho?


Impela uyabahleka abaklolodayo, kepha abathobekile ubapha umusa.


Ukumesaba uJehova kungukuqala kolwazi, kepha iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.


Ukunika abangenalwazi ubuqili, abasha ulwazi nokweluleka.


Qondani nina bantu abayiziwula phakathi kwabantu, nani ziwula, niyakuhlakanipha nini na?


Ngubani onjengoJobe, oklolodela njengamanzi okuphuza?


Koze kube nini ngibekezelela leli bandla elibi elikhonona ngami na? Ngikuzwile ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli ababubula ngami.


INkosi yasisithi kuMozisi: Koze kube nini lisala ukugcina imilayo yami lemithetho yami?


OMose no-Aroni bafika kuFaro, bathi kuye: “Isho kanje iNkosi uJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, ithi: Koze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? yekela abantu bami bahambe, ukuze bangikhonze.


Buyabiza endaweni yokuhlangana, ezintubeni zamasango; emzini ikhuluma amazwi ayo ithi:


Ngokuba inzondo yabangenalwazi iyobabulala, nokunetha kweziwula kuyakubabhubhisa.


Igama lakhe liyisideleli esizidlayo nesizidlayo, owenza ngokuzidla kolaka.


Umuntu ohlakaniphileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi bayaqhubeka, bajeziswe.


Jerusalema, geza inhliziyo yakho ebubini, ukuze usindiswe. Koze kube nini imicabango yakho eyize ihlala kini na?


Ngikubonile ukuphinga kwakho ngakuhlupha, isenzo esiyihlazo sobufebe bakho nezinengiso zakho emagqumeni asendle. Maye kuwe Jerusalema! aniyikuhlanjululwa na? kuyoke kube nini?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite