Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 5:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Khumbula, Jehova, esehlele; qaphela, ubone ihlazo lethu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Khumbula, Jehova, esehlelwe yikho; bheka, ubone ihlazo lethu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Khumbula Simakade, okusehleleyo! Bheka, ubone ihlazo lethu!

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 5:1
26 Referans Kwoze  

Jehova, ngizwile izwi lakho, ngesaba; Jehova, mawuphile umsebenzi wakho phakathi kweminyaka, wazise phakathi kweminyaka; olakeni khumbula umusa.


Uzwile ihlazo labo, Jehova, nawo onke amacebo abo ngami;


Khumbulani usizi lwami nosizi lwami, inkungu nenyongo.


Bonke abadlulayo bashaya ihlombe; bashaya ikhwelo, benqekuzisa amakhanda endodakazini yaseJerusalema, bathi: “Yiwo lo muzi abantu abawubiza ngokuthi ngobuhle obuphelele, intokozo yomhlaba wonke na?


O Jehova, uyakwazi lokhu; ngikhumbule, ungihambele, ungiphindisele kwabangizingelayo; ungangisusi ekubekezeleni kwakho; yazi ukuthi ngijezisiwe ngenxa yakho.


Unike omakhelwane bethu kasikhombisa esifubeni sabo ihlazo labo abakuhlambalaza ngalo, Jehova.


Sesiphenduke ihlazo komakhelwane bethu, inhlekisa nenhlekiso kwabasizungezile.


Yizwa, Nkulunkulu wethu! ngoba sidelelekile; uphendule isihlamba sabo phezu kwamakhanda abo, ubanikele njengempango ezweni lokuthunjwa.


Yathi kuJesu: “Nkosi, ngikhumbule, nxa usufike embusweni wakho.


Bheka, Jehova, ubone ukuthi wenze kubani lokhu. Ingabe abesifazane bazodla izithelo zabo kanye nezingane isikhathi eside? umpristi nomprofethi bayakubulawa endlini engcwele kaJehova na?


Bheka, Jehova! ngokuba ngisosizini; amathumbu ami awaphumuli; inhliziyo yami iphendukile phakathi kwami; ngoba ngahlubuka kakhulu; ngaphandle uphanga inkemba, ekhaya kunjengokufa.


Khumbula ukuthi wangenza njengobumba; futhi uzongibuyisela othulini na?


Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya; iso lami alisayikubona okuhle.


Khumbula izwi owayala ngalo inceku yakho uMose ngokuthi: Uma neqa, ngiyakunihlakazela ezizweni.


Base bethi kimi: “Insali yabathunjwa ezweni isekuhluphekeni okukhulu nasehlazweni; nogange lwaseJerusalema lwalubhidliziwe, namasango alo ashiswa ngomlilo.


RESH. Bheka ukuhlupheka kwami, ungisindise, ngokuba angikhohlwa umthetho wakho.


Ngimisile abalindi phezu kwezingange zakho, Jerusalema, abangayikuthula nanini imini nobusuku; nina enimbiza uJehova, ningathuli;


UJehova aze abheke phansi abone esezulwini.


Khumbula ukuthi isitha sithukile, Jehova, nokuthi abantu abayiziwula balihlambalazile igama lakho.


Sijabhile, ngokuba sizwe inhlamba; amahloni asibekela ubuso bethu, ngokuba abezizwe bangenile ezindaweni ezingcwele zendlu kaJehova.


Ukungcola kwakhe kusezigqokweni zakhe; akacabangi ngesiphetho sakhe sokugcina; ngakho lahamba ngokumangalisayo, lingelamduduzi. Jehova, bheka usizi lwami, ngokuba isitha sizikhulisile.


Bonke abantu bakhe bayabubula, bafuna isinkwa; babanika okumnandi njengokudla kokunciphisa umphefumulo; bheka, Jehova, unake; ngoba sengikhohlakele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite