Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 4:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Izandla zabesifazane abanomusa zaphuzisa abantwana babo; babe ngukudla kwabo ekubhujisweni kwendodakazi yabantu bami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Izandla zabesifazane abahawukelayo zapheka izingane zabo; zazingukudla kwabo ngokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Ngesikhathi sokuvinjezelwa nokuchithwa kwabantu bami, izandla zabesifazane ababekade benozwelo, zapheka izingane zabo, zaba ngukudla.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 4:10
12 Referans Kwoze  

Bheka, Jehova, ubone ukuthi wenze kubani lokhu. Ingabe abesifazane bazodla izithelo zabo kanye nezingane isikhathi eside? umpristi nomprofethi bayakubulawa endlini engcwele kaJehova na?


Owesifazane angamkhohlwa yini umntanakhe osancela, angayihawukeli indodana yesizalo sakhe? yebo, bangakhohlwa, kepha mina angiyikukukhohlwa wena.


Futhi ngiyobenza badle inyama yamadodana abo nenyama yamadodakazi abo, futhi bayodla, kube yilowo nalowo inyama yomngane wakhe ekuvinjezelweni nasekucindezelekeni izitha zabo nalabo abafuna ukuphila kwabo eziyobashaya ngakho.


Ngakho oyise bayakudla amadodana phakathi kwakho, amadodana adle oyise; ngiyakwenza izahlulelo phezu kwakho, ngiyihlakazele yonke insali yakho emimoyeni yonke.


Ngisho nezilo zasolwandle zikhipha amabele azo, zincelise amazinyane azo; indodakazi yabantu bami isinonya njengezintshe zasogwadule.


Iso lami liyageleza emifuleni yamanzi ngokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.


Kumelwe udle inyama yamadodana akho, nenyama yamadodakazi akho kumelwe uyidle.


Ngosuku lwesishiyagalolunye lwenyanga yesine indlala yaba namandla emzini, kwakungekho sinkwa kubantu bezwe.


Amehlo ami ayaphela izinyembezi, izibilini zami ziyathuthumela, isibindi sami silahlwe emhlabeni ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami; ngokuba abantwana nabancane bayaquleka emigwaqweni yomuzi.


Wena ogcwele isiyaluyalu, muzi oxokozelayo, muzi wenjabulo; ababuleweyo benu ababulawanga ngenkemba, ababulawanga empini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite