Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 3:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ungibiyele ngothango, ukuze ngingakwazi ukuphuma; Wenza iketango lami laba nzima.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ungibiyele ukuze ngingaphumi, wenza amaketanga ami ukuba asinde.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Ungihaqe nxazonke, angikwazi ukuphunyuka, wangibopha ngamaketanga asindayo.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 3:7
11 Referans Kwoze  

Uyibiyile indlela yami ukuze ngingadluli, ubeke ubumnyama emikhondweni yami.


Kungani ukukhanya kunikwa umuntu ondlela yakhe isithekile futhi uNkulunkulu amvikele?


Ngalokho bheka, ngiyakusibekela indlela yakho ngameva, ngenze ugange, ukuze angazitholi izindlela zakhe.


Ijoka leziphambeko zami liboshwe ngesandla sakhe; Uwisile amandla ami, uJehova unginikele esandleni sabo, engingenakusukuma kubo.


Manje bheka, namuhla ngiyakukhulula amaketanga asesandleni sakho. Uma kukuhle kuwe ukuhamba nami eBabele, woza; futhi ngizoninakekela kahle; kepha uma kukubi emehlweni akho ukuya nami eBabele, kuyeke; bheka, izwe lonke liphambi kwakho; nomaphi lapho kubonakala kukuhle futhi kukulungele ukuba uye khona, hamba khona.


Base bemthatha uJeremiya, bamphonsa emthonjeni kaMalikhiya indodana yenkosi, owawusegcekeni letilongo; bamehlisa uJeremiya ngezindophi. Emthonjeni kwakungekho manzi, kodwa udaka; ngakho uJeremiya wacwila odakeni.


Ubasusile kude nami abangazi bami; Ungenze ngaba yisinengiso kubo; ngikhiyiwe angikwazi ukuphuma.


Futhi wawaqinisa amazwi akhe awakhuluma ngokumelene nathi nabahluleli bethu ababesiqondisa ngokuletha inhlekelele enkulu phezu kwethu, ngoba ngaphansi kwalo lonke izulu akuzange kwenzeke njengaseJerusalema.


Izintamo zethu ziyazingelwa; siyakhandleka, asikutholi ukuphumula.


Uvimbile izindlela zami ngamatshe abaziweyo, wagwegwisa izindlela zami.


Iso lami liyalila ngenxa yosizi: Jehova, ngikhala kuwe usuku lonke, ngizelulela izandla zami kuwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite