Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 3:56 - Contemporary Zulu Bible 2024

56 Walizwa izwi lami; ungafihli indlebe yakho ekuphefumuleni kwami, ekukhaleni kwami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

56 Wezwa izwi lami; ungasithezi indlebe yakho lapho ngikhalela ukusizwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

56 Walizwa izwi lami lapho ngithi: “Ungayisithezi indlebe yakho ekunxuseni kwami, ngicela usizo.”

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 3:56
17 Referans Kwoze  

Kumholi wokuhlabelela ngeNeginoti, iMaskili, ihubo likaDavide. Yizwa umkhuleko wami, Nkulunkulu; futhi ungazifihli ekunxuseni kwami.


Ukuze bavumele ukukhala kompofu kufike kuye, futhi ezwe ukukhala kwabalusizi.


Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu, ngokuba asikwazi esingakucela ngokufanele, kepha uMoya uqobo usikhulekela ngokububula okungenakuphinyiselwa.


Hamba uthi kuHezekiya: Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu.


Lo muntu ompofu wakhala, uJehova wamuzwa, wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko zakhe.


Kodwa ngempela, uNkulunkulu wangizwa; waliphendula izwi lomkhuleko wami.


Ngambiza uJehova ngezwi lami, wangizwa esentabeni yakhe engcwele. Sela.


Nomkhuleko wakhe nokuthi uNkulunkulu wezwakala kanjani kuye, nazo zonke izono zakhe, neziphambeko zakhe, nezindawo akhe kuzo izindawo eziphakemeyo, wamisa iziqu zemithi engcwele nemifanekiso ebaziweyo, ngaphambi kokuba athotshiswe; bheka, kulotshiwe phakathi kwezahlulelo zababoni.


Wakhuleka kuye, wamncenga, wezwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela eJerusalema embusweni wakhe. UManase wazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu.


Lalela izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngiyakukhuleka kuwe.


Jehova, uyakulizwa izwi lami ekuseni; ekuseni ngiyakuwubhekisa kuwe umkhuleko wami, ngibheke phezulu.


Ngilaleleni, ningilalele; Ngiyalila ekukhaleni kwami, ngizwakalise ukukhala;


Wawusindisa umphefumulo wami ngokuthula ekulweni kwami, ngokuba babebaningi ababe nami.


Manje yizwa, Nkulunkulu wethu, umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, futhi mawukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele echithekile ngenxa yeNkosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite