Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 2:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Amasango alo acwile emhlabathini; imigoqo yakhe wayichitha, wayiphula; inkosi yalo nezikhulu zalo baphakathi kwezizwe; umthetho awusekho; abaprofethi bawo ababufumani ubuso bukaJehova.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Amasango alo ashona emhlabathini; wachitha, wayaphula imigoqo yalo. Inkosi nezikhulu zalo baphakathi kwezizwe, lapho kungekho khona umthetho. Nabaprofethi balo abatholi mbono kuJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Amasango alo abishe emhlabathini; usakaze, waphoqoza imigoqo yalo. Inkosi nababusi sebephakathi kwezizwe, akasekho ofundisa umthetho, nabaphrofethi abasaboni mbono ovela kuSimakade.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 2:9
27 Referans Kwoze  

Ububi buyakufika phezu kobubi, kube namahemuhemu phezu kwamahemuhemu; khona bayakufuna ubuso bomprofethi; kepha umthetho uyakubhubha kumpristi nomkhandlu wamalunga.


Ngoba abantwana bakwa-Israyeli bayohlala izinsuku eziningi bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenasithombe esibaziweyo, bengenasembatho sehlombe, bengenazithixo zasendlini.


Base bethi kimi: “Insali yabathunjwa ezweni isekuhluphekeni okukhulu nasehlazweni; nogange lwaseJerusalema lwalubhidliziwe, namasango alo ashiswa ngomlilo.


Manje u-Israyeli wayesenesikhathi eside engenaye uNkulunkulu weqiniso nompristi ofundisayo futhi engenamthetho.


Amaqhawe aseBabele ayeka ukulwa, ahlala ezinqabeni zawo; amandla abo aphela; baba njengabesifazane; ashisa izindlu zakhe; imigoqo yakhe iphukile.


Izibonakaliso zethu asiziboni; akusekho mprofethi, akakho phakathi kwethu owaziyo ukuthi koze kube nini.


UJehova uyakukuyisa wena nenkosi yakho oyakuyibeka phezu kwakho esizweni obungasazi wena nawoyihlo; lapho niyokhonza abanye onkulunkulu, imithi namatshe.


Futhi ngiyozendlala phezu kwakhe, futhi uyobanjwa enetheni lami, futhi ngiyomyisa eBabele futhi ngingene lapho ekulweni naye ngenxa yesiphambeko sakhe asenzele sona kimi.


Futhi ngiyozendlala phezu kwayo, futhi iyobanjwa ngenetha lami; ngiyakumyisa eBabele ezweni lamaKaledi; nokho akayikuyibona, noma efela khona.


Umoya wamakhala ethu, ogcotshiweyo kaJehova, wabanjwa emithonjeni yabo, esasho ngaye ukuthi: ‘Emthunzini wakhe siyakuhlala phakathi kwezizwe.


Basebememeza bathi: Hambani! ingcolile; sukani, sukani, ningathinti; lapho bebaleka bezulazula, bathi phakathi kwabezizwe: Kabayikugogobala khona;


UJuda waya ekudingisweni ngenxa yosizi nangenxa yobugqila obukhulu; uhlala phakathi kwezizwe, kakutholi ukuphumula; bonke abashushisi balo balifica endaweni engenalutho.


Yonke impi yamaKaledi eyayinenduna yemilindankosi yadiliza zonke izindonga zaseJerusalema nxazonke.


AmaKhaledi ashisa indlu yenkosi nezindlu zabantu ngomlilo, adiliza izingange zaseJerusalema.


Ngomnyaka weshumi nanye kaSedekiya, ngenyanga yesine, ngosuku lwesishiyagalolunye lwenyanga, umuzi wabhidlizwa.


Wayesethi uJehova kimi: “Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami; angibathumanga, futhi angibayalanga, angikhulumanga kubo; ezinhliziyweni zabo.


Abulala amadodana kaZedekiya phambi kwamehlo akhe, amkhipha amehlo kaSedekiya, ambopha ngamaketanga ethusi, amyisa eBabele.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ningawalaleli amazwi abaprofethi abaprofetha kini; bakwenza ize; bakhuluma umbono ophuma ezinhliziyweni zabo, hhayi ophuma emlonyeni kaJehova.


Futhi inkemba iyohlala phezu kwemizi yakhe, futhi iyoqothula amagatsha akhe, futhi iyowaqeda ngenxa yamacebo awo.


Ngiyakwaphula umgoqo waseDamaseku, nginqume abakhileyo ethafeni lase-Aveni nophethe intonga yobukhosi endlini yase-Edene; futhi abantu base-Aramu bayothunjelwa eKhiri,” kusho uJehova.


Futhi njengalokho uJehova ethanda kini ukunenzela okuhle nokunandisa; ngalokho uJehova uyakujabula ngani ukuba anibhubhise, anibhubhise; niyakusishulwa ezweni eningena kulo ukulidla.


Lapho uSawule ebuza kuJehova, uJehova akamphendulanga, kungengamaphupho, nange-Urimi, nangabaprofethi.


Emzini kusele incithakalo, nesango lishaywe yincithakalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite