Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 2:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kufanele ngithatheni ukuze ngifakaze kini? Ngingafanisa nani ndodakazi yaseJerusalema na? ngiyakubonani kuwe, ukuze ngikududuze, ndodakazi yaseSiyoni na? ngoba ukufohla kwakho kukhulu njengolwandle; ngubani ongakuphilisa?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngingafakaza ngokuthini ngawe, ngikufanise nani, ndodakazi yaseSiyoni, na? Ngingakulinganisa nani ukuba ngikududuze, ntombi eyindodakazi yaseSiyoni na? Ngokuba ukuchitheka kwakho kukhulu njengolwandle. Ngubani ongakuphulukisa na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Ngingafakaza ngithini ngawe Jerusalema na? Ngingakuqhathanisa nani na? Ngingathini kuwe ukuze ngikududuze, ntombi eyindodakazi iZiyoni na? Ngokuba incithakalo yakho ibanzi njengolwandle; ngubani ongakwelapha na?

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 2:13
14 Referans Kwoze  

Akulutho yini kini nonke enidlulayo? bhekani, nibone, uma lukhona usizi olunjengosizi lwami engabuzwa ngalo uJehova wangicindezela ngalo ngosuku lwentukuthelo yakhe.


Ngakho wokhuluma leli zwi kubo; Amehlo ami mawageleze izinyembezi imini nobusuku, angayeki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, yephukile ngezinyembezi ezinkulu, ngokushaywa okunzima kakhulu.


Alikho ibhalsamu kwaGileyadi na? akekho udokotela lapho? Pho kungani impilo yendodakazi yabantu bami ingabuyiselwa?


UDavide wafika eBali Pherasimi, uDavide wawachitha khona, wathi: “UJehova wafohla phambi kwami njengomfula phezu kwezitha zami; ngalokho wabiza leyo ndawo ngokuthi iBali-Pherasimi.


Futhi wawaqinisa amazwi akhe awakhuluma ngokumelene nathi nabahluleli bethu ababesiqondisa ngokuletha inhlekelele enkulu phezu kwethu, ngoba ngaphansi kwalo lonke izulu akuzange kwenzeke njengaseJerusalema.


Yileli izwi uJehova alikhuluma ngaye; Intombi emsulwa, indodakazi yaseSiyoni, iyakudelela, yakuhleka; indodakazi yaseJerusalema yanikina ikhanda phezu kwakho.


Wena wenza umhlaba wazamazama; Uyiphulile; phulukisa ukuphuka kwayo; ngoba liyathuthumela.


Yileli izwi uJehova alikhuluma ngaye; Intombi emsulwa, indodakazi yaseSiyoni, iyakudelela, yakuhleka; indodakazi yaseJerusalema yanikina ikhanda phezu kwakho.


Mabasheshe basikhalele, ukuze amehlo ethu ehle izinyembezi, nezinkophe zethu zigeleze amanzi.


Umlahlile ngokuphelele uJuda? umphefumulo wakho wawuzonda iSiyoni na? usishayeleni, singekho ukuphulukiswa na? besilindele ukuthula, kepha akukho okuhle; nesikhathi sokuphulukiswa, futhi bheka, usizi!


UFaro uyakubabona, aduduzeke ngesixuku sakhe sonke, uFaro nempi yakhe yonke ababulewe ngenkemba, isho iNkosi uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite