Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 1:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ngabiza izithandwa zami, kodwa zangikhohlisa;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 “Ngazibiza izithandwa zami, zangikhohlisa. Abapristi bami namalunga ami bafela emzini, besafuna ukudla ukuba babuyise umphefumulo wabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 “Izithandwa zami ngazibiza, zona zangikhohlisa. Abaphristi namalunga ami bafele emzini, bezama ukufuna ukudla ukuze basimamise ukuphila kwabo.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 1:19
15 Referans Kwoze  

Bheka, Jehova, ubone ukuthi wenze kubani lokhu. Ingabe abesifazane bazodla izithelo zabo kanye nezingane isikhathi eside? umpristi nomprofethi bayakubulawa endlini engcwele kaJehova na?


Bonke abantu bakhe bayabubula, bafuna isinkwa; babanika okumnandi njengokudla kokunciphisa umphefumulo; bheka, Jehova, unake; ngoba sengikhohlakele.


Ukhala kakhulu ebusuku, izinyembezi zakhe zisezihlathini zakhe; phakathi kwazo zonke izithandwa zakhe akakho omduduzayo; bonke abangane balo bamkhohlisile, baba yizitha zalo.


Izikhulu zilengiswa ngesandla; ubuso babadala abuhlonitshwa.


Kepha thina, amehlo ethu asalokhu ephelile ukubheka usizo lwethu oluyize; ngokuqapha kwethu sibheke isizwe esingeke sisisindise.


Zonke izithandwa zakho sezikukhohliwe; abafuni Wena; ngokuba ngikushayé ngomvimbo wesitha, ngokujezisa kononya, ngenxa yobuningi bobubi bakho; ngoba izono zenu zandile.


Baphi onkulunkulu bakho ozenzele bona na? mabasukume uma bengakusindisa ngesikhathi sokuhlupheka kwakho; ngoba njengomumo wemizi yakho banjalo onkulunkulu bakho, Juda!


Njalo uba uphangiwe, uzakwenzani? Noma ugqoka okubomvu, noma uvunula ngezivunulo zegolide, noma uklebhula ubuso bakho ngopende, uyakuhlobisa ngeze; izithandwa zakho ziyakudelela, zifune ukuphila kwakho.


Yeka ukuthi umuzi owawugcwele abantu uhlezi wodwa kanjani! ukuthi waba kanjani njengomfelokazi! elalilikhulu phakathi kwezizwe nendodakazi yenkosi phakathi kwezifunda, yeka ukuthi libe ngumthelisi!


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite