Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 1:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 UJehova ulungile; ngokuba ngahlubuka emyalezweni wakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “UJehova ulungile, ngokuba ngihlubukile izwi lakhe. Ake nizwe, bantu bonke, nibone ubuhlungu bami. Izintombi zami nezinsizwa zami ziye ekuthunjweni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 “USimakade ungijezise ngokufanele, ngokuba angililalelanga izwi lakhe. Lalelani bantu, bukani nibone ubuhlungu bami. Izintombi nezinsizwa zami zihambile, zisekuthunjiweni.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 1:18
38 Referans Kwoze  

UJehova olungileyo uphakathi kwawo; akenzi okubi; njalo ekuseni uyaveza ilungelo lakhe, akaqedi; kepha ongalungile akawazi amahloni.


Ngiyazi, Jehova, ukuthi izahlulelo zakho zilungile, nokuthi ungicindezele ngokwethembeka.


Akulutho yini kini nonke enidlulayo? bhekani, nibone, uma lukhona usizi olunjengosizi lwami engabuzwa ngalo uJehova wangicindezela ngalo ngosuku lwentukuthelo yakhe.


Uqinisile, Jehova, lapho ngiphikisana nawe; ake ngikhulume kuwe ngezahlulelo zakho: kungani indlela yababi iphumelela? kungani bejabula bonke abenza ngokukhohlisa na?


Seqekile, sahlubuka; Awukaxoleli.


Ngokuba bahlubuka emazwini kaNkulunkulu, badelela icebo loPhezukonke;


Kodwa wena ulungile kukho konke okusehlela phezu kwethu; ngoba wena wenze okulungileyo, kodwa thina senze okubi.


Khathesi siyazi ukuthi konke okutshoyo umlayoukutsho kwabangaphansi komlayo, ukuze yonke imilomo ivinjwe, lokuthi umhlaba wonke ube lecala phambi kukaNkulunkulu.


Kepha ngobulukhuni bakho nenhliziyo engaphendukiyo uzibekelela ulaka ngosuku lolaka nolokwambulwa kokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu;


Jehova, ukulunga kungokwakho, kepha ubuso bethu buyihlazo njenganamuhla; kumadoda akwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema nakuye wonke u-Israyeli oseduze nakude, emazweni onke lapho obaxoshele khona ngenxa yesiphambeko sabo abasenze kuwe.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, labo okwakungesikho ukuphuza endebeni bayakuphuza impela; futhi nguwe oyohamba ungajeziswa nhlobo? ngeke uyeke ukujeziswa, kodwa kumelwe nakanjani uphuze kuso.


UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke, ungcwele emisebenzini yakhe yonke.


Kodwa kabalalelanga, bakuhlubuka, baphosela umlayo wakho ngemva kwemihlane yabo, bababulala abaprofethi bakho ababefakaza ngabo ukubabuyisela kuwe, benza izinengiso ezinkulu.


Futhi ngemva kwakho konke okusehlele ngenxa yezenzo zethu ezimbi nangenxa yeziphambeko zethu ezinkulu, njengoba wena, Nkulunkulu wethu, wasijezisa kancane kunalokho okufanele ukona kwethu, futhi wasinika insindiso enjengale;


Wambiza umuntu kaNkulunkulu owayevela kwaJuda, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngenxa yokuthi weqile umlomo kaJehova, awugcinanga umyalo uJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo,


Ngokuba ukuhlubuka kufana nesono sokuthakatha, nenkani ingububi nokukhonza izithombe. Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye ukulahlile wena ukuba ungabi yinkosi.


Wayesethi u-Adoni-bezeki: “Amakhosi angamashumi ayisithupha neshumi ayenquma izithupha noqukula abutha phansi kwetafula lami; njengoba ngenzile, kanjalo uNkulunkulu ungibuyisele. Basebemyisa eJerusalema, wafela khona.


Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe ziwukulunga; uNkulunkulu weqiniso ongenabubi, ulungile, ulungile yena.


UFaro wayesethuma wabiza oMose no-Aroni, wathi kubo: “Ngonile ngalesi sikhathi; uJehova ulungile, mina nabantu bami sibabi.


TZADDI. Ulungile wena Jehova, ziqotho izahlulelo zakho.


Njengabelusi bamelene nalo nxazonke; ngoba yangihlamukela,” kutsho uJehova.


Bangena, balidla; kepha abalilalelanga izwi lakho, abahambanga emthethweni wakho; abenzanga lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele bonke lobu bubi phezu kwabo.


Sonile, senza ububi, senza okubi, sahlubuka ngokuphambuka emiyalweni yakho nasezimisweni zakho zokwahlulela.


Ngalolo suku izintombi ezinhle nezinsizwa ziyoquleka ngenxa yokoma.


Umqhele uwile emakhanda ethu; maye kithina ukuthi sonile!


Kepha amazwi ami nezimiso zami engayala ngakho izinceku zami abaprofethi, akubambanga yini koyihlo na? babuya, bathi: “Njengokuba uJehova Sebawoti wayehlosile ukwenza kithi njengezindlela zethu nezenzo zethu, wenze njalo kithi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite