Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 9:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Sase sinikwa ukuba singababulali, kodwa bahlushwe izinyanga eziyisihlanu; nobuhlungu babo kwakunjengobuhlungu bukafezela, lapho eshaya umuntu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Sanikwa ukuba singababulali kepha sibahluphe izinyanga eziyisihlanu; nokuhlushwa kwabo kwaba njengobuhlungu bukafezela, nxa emqosela umuntu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Sanikwa ukuba singababulali, kodwa sibahluphe izinyanga ezinhlanu. Ukuhlushwa kwabo kwakufana nobuhlungu bokulunywa ngufezela.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Sase sinikwa ukuba singababulali, kodwa bahlushwe izinyanga eziyisihlanu; nobuhlungu babo kwakunjengobuhlungu bukafezela, lapho eshaya umuntu.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 9:5
12 Referans Kwoze  

Zazinemisila efana neyofezela, zinezindosi emisileni yazo, namandla azo okulimaza abantu izinyanga eziyisihlanu.


Wayesethi uJehova kuSathane: “Bheka, usesandleni sakho; kodwa usindise impilo yakhe.


Kwaphuma isikhonyane emsini, seza emhlabeni, saphiwa amandla anjengamandla ofezela bomhlaba.


Sanikwa sona ukulwa nabangcwele, nokubanqoba, sanikwa amandla phezu kwezizwe zonke, nezilimi, nezizwe.


Sanikwa umlomo wokukhuluma izinto ezinkulu nenhlamba; kwasekunikwa kuye ukuthi aqhubeke izinyanga ezingamashumi amane nambili.


Kuyakuthi sebebuqedile ubufakazi babo, isilo esiphuma kwalasha siyakulwa nabo, sibanqobe, sibabulale.


UJesu waphendula wathi: “Ungeke ube namandla neze phezu kwami, uma ungawanikwanga evela phezulu;


Emva kwalokho ngabona, bheka, enye ifana nengwe, inamaphiko amane enyoni emhlane wayo; isilo sasinamakhanda amane; lanikwa ukubusa.


Ngokuba lapho ubaba wanithwesa ijoka elinzima, mina ngiyakuneka futhi ejokeni lenu;


Wabaphendula njengeseluleko sezinsizwa, wathi: “Ubaba walenza ijoka lenu laba nzima, kepha mina ngiyakunezela kulokho; ubaba wanishaya ngezitswebhu, kepha mina ngiyakunishaya ngawofezela.”


Wena-ke, ndodana yomuntu, ungabesabi, ungawesabi amazwi abo, nakuba ukhula oluhlabayo nameva kukhona kuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla emehlweni abo, bayindlu edlubulundayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite