Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 9:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Zazinenkosi phezu kwazo, ingelosi yakwalasha, egama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi uApoliyoni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Sinenkosi phezu kwaso, ingelosi yakwalasha, igama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi u-Apholiyoni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Sinenkosi esibusayo, ingelosi yakwalasha, igama layo ngesiHebheru kungu-Abhadoni, kodwa ngesiGriki ingu-Apholiyoni.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Zazinenkosi phezu kwazo, ingelosi yakwalasha, egama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi uApoliyoni.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 9:11
18 Referans Kwoze  

Indawo yabafileyo inqunu phambi kwakhe, nokubhujiswa akunasimbozo.


enanihamba kuzo endulo ngokwendlela yaleli zwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osebenza manje kubantwana bokungalaleli;


okukubo unkulunkulu walelizwe uphuphuthekisile ingqondo yabangakholwayo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.


ngokwahlulela, ngokuba umbusi walumhlaba usegwetshiwe.


Angisasayikukhuluma okuningi nani, ngokuba uyeza umbusi walumhlaba, kepha akanalutho kimi.


Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wawo.


Siyazi ukuthi singabakaNkulunkulu nokuthi umhlaba wonke ulele ebubini.


Nina ningabakaNkulunkulu, bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.


Kalokhu kungukwahlulelwa kwalomhlaba;


Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uDeveli noSathane, odukisa izwe lonke; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.


Ukubhujiswa nokufa kuthi: “Sizwile umbiko wakho ngezindlebe zethu.”


Ngoba kungumlilo odla kuze kube sekubhujisweni futhi oyoqeda yonke imikhiqizo yami.


Umusa wakho uyakumenyezelwa kwabafileyo na? noma ugana ekubhujisweni?


Indawo yabafileyo nencithakalo kuphambi kukaJehova; kakhulu kangakanani kunezinhliziyo zabantwana babantu?


Zamncenga ukuthi angazilaya ukuthi ziphumele ekujuleni.


Kukhona-ke eJerusalema ngasesangweni lezimvu ichibi elithiwa ngesiHeberu iBethesda, linemipheme eyisihlanu.


Wabahlanganisela endaweni ethiwa ngesiHeberu iArmagedoni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite