Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 7:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngasengisizwa isibalo sababekwa uphawu, kwaphawulwa abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane ezizweni zonke zabantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngase ngizwa umumo wababekwa uphawu, izinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, ababekwa uphawu ezizweni zonke zabantwana bakwa-Israyeli:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ngase ngizwa ukuthi inani lababekwa uphawu ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli babeyizi-144 000:

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Ngasengisizwa isibalo sababekwa uphawu, kwaphawulwa abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane ezizweni zonke zabantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 7:4
17 Referans Kwoze  

Ngase ngibona, bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, benegama likaYise lilotshwe emabunzini abo.


Bahlabelela kungathi ihubo elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine eziphilayo, namalunga; kwakungekho owayengasifunda lelo ngoma, kuphela abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane abahlengiwe emhlabeni.


ukuze nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami, nihlale ezihlalweni zobukhosi, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.


UJesu wasesithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Lina elingilandelayo, ekuzalweni kutsha, lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, lani lizahlala ezihlalweni zobukhosi ezilitshumi lambili, lahlulele izizwe ezilitshumi lambili zakoIsrayeli.


Ezithemba ukufika kuso izizwe eziyishumi nambili zakithi, zikhonza uNkulunkulu masinyane imini nobusuku; Ngenxa yalelithemba, nkosi Agripha, ngimangalelwa ngabaJuda.


Inani lempi yabamahhashi laliyizinkulungwane ezingamakhulu amabili; ngezwa umumo wabo.


UJakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu, kubo izizwe eziyishumi nambili ezihlakazekile, ngiyabingelela.


UIsaya umemeza ngoIsrayeli, uthi: Lanxa umumo wabantwana bakoIsrayeli ungangesihlabathi solwandle, insali izasindiswa;


Amasango omuzi ayakuba ngokwamagama ezizwe zakwa-Israyeli, amasango amathathu ngasenyakatho; elinye yisango lakwaRubeni, elinye yisango lakwaJuda, elinye yisango lakwaLevi.


Umthwalo wezwi likaJehova ezweni laseHadragi naseDamaseku uyakuba ngowokuphela kwawo;


Abakhonza emzini kumelwe bawukhonze bevela kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli.


Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nanku umkhawulo eniyakudla ngawo izwe ngokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli: uJosefa uyakuba nezabelo ezimbili.


Wamkhiphela ngaphandle, wathi: “Bheka isibhakabhaka, ubale izinkanyezi, uma ungazibala; wathi kuye: Iyakuba njalo inzalo yakho.


Amatshe ayakuba njengamagama abantwana bakwa-Israyeli, ishumi nambili ngokwamagama abo, njengokuqoshwa kophawu; kube yileso naleso negama laso ngokwezizwe eziyishumi nambili.


Esizweni sakwaJuda kwaphawulwa abayizinkulungwane eziyishumi nambili. Esizweni sakwaRubeni kwatywinwa ishumi elinambini lamawaka. Esizweni sakwaGadi kwatywinwa ishumi elinambini lamawaka.


Inceku yasisithi: Nkosi, sekwenziwe njengokulaya kwakho, kodwa indawo isekhona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite