Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 7:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngokuba iWundlu eliphakathi kwesihlalo sobukhosi liyakubalusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 ngokuba iWundlu elingaphakathi nesihlalo sobukhosi liyakubelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila; noNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 ngokuba iWundlu elingaphakathi kwesihlalo sobukhosi liyabelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila, noNkulunkulu uyakuzesula zonke izinyembezi emehlweni abo.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Ngokuba iWundlu eliphakathi kwesihlalo sobukhosi liyakubalusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila;

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 7:17
42 Referans Kwoze  

Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade.


Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, kawunalutho lokukha, nomthombo ujulile; uwathathephi lawo manzi aphilayo na?


Yangikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu, uphuma esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.


UNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona, nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.


Ulungisa itafula phambi kobuso bami phambi kwezitha zami; Ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.


Wathi kimi: Sekwenzekile. Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho. Owomileyo ngiyakumnika ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.


Mina ngingumalusi omuhle; umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.


Uyakushwabadela ukufa ngokunqoba; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke; futhi usongo lwabantu bayo iyoyisusa emhlabeni wonke, ngoba uJehova ukukhulumile.


Mina ngingumalusi omuhle, ngiyazazi izimvu zami, nezami ziyaziwa.


Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili; bangishiyile mina, mthombo wamanzi aphilayo, bazimbele imithombo, imithombo eqhekekileyo, engagcini manzi.


Ngiyakumisa phezu kwazo umalusi oyedwa, azoluse, inceku yami uDavide; uyakuzondla, abe ngumalusi wazo.


Ngasengibona, khangela-ke, phakathi kwesihlalo sobukhosi lezidalwa ezine eziphilayo, laphakathi kwabadala, kumi iWundlu linjengokuhlatshiwe, linezimpondo eziyisikhombisa lamehlo ayisikhombisa, angoMoya abayisikhombisa bezulu. UNkulunkulu wathumela emhlabeni wonke.


Nawe, Betlehema ezweni lakwaJuda, awusiye omncinyane phakathi kwezikhulu zakwaJuda, ngokuba kuyakuvela kuwe uMbusi oyakubusa abantu bami u-Israyeli.


Ngakho niyakukha amanzi ngokuthokoza emithonjeni yensindiso.


Hlunga abantu bakho, ubusise ifa lakho; ubaphe ukudla, ubaphakamise kuze kube phakade.


Uyakuma, aklabe ngamandla kaJehova, ngobukhosi begama likaJehova uNkulunkulu wakhe; futhi bayohlala, ngoba manje uyakuba mkhulu kuze kube semikhawulweni yomhlaba.


Ilanga lakho alisayikushona; nenyanga yakho ayiyikugoqa, ngokuba uJehova uyakuba ngukukhanya kwakho kwaphakade, nezinsuku zokulila kwakho ziphele.


ukuze uthi kuzo izibotshwa: Phumani; kwabasebumnyameni zibonakaliseni. Bayoklaba emigwaqweni emikhulu, namadlelo abo ayoba phezu kwazo zonke izindawo eziphakemeyo.


Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya, beze eSiyoni behlabelela, benokuthokoza okuphakade emakhanda abo; ukujabula nokuthokoza kuyakutholwa, kubaleke usizi nokububula.


Ngokuba izizwe ziyakuhlala eSiyoni eJerusalema; ungabe usakhala; uma ekuzwa, uyakuphendula.


Kule ntaba uJehova Sebawoti uyakwenzela zonke izizwe ukudla okunamafutha, ukudla kwewayini elinenhlese, okunamafutha agcwele umongo, kwewayini elihlutshiweyo.


Ufanele, Nkosi, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba wena wadala zonke izinto, nangokwentando yakho zikhona, zadalwa.


Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, niwubheke, kungabi ngokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela; kungabi ngenzuzo eyichilo, kodwa ngenhliziyo evumayo;


Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwelusa ibandla likaNkulunkulu azithengele lona ngegazi lakhe.


Yalusa abantu bakho ngentonga yakho, umhlambi wefa lakho ohlala wodwa ehlathini phakathi kweKarmeli; mabadle eBashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasendulo.


Bayofika bekhala, futhi ngiyobahola ngokunxusa; Ngiyakubahambisa emifuleni yamanzi endleleni eqondileyo, abangayikukhubeka kuyo; ngoba nginguyise ka-Israyeli, futhi u-Efrayimi uyizibulo lami.


Uyakwalusa umhlambi wakhe njengomalusi; iyobutha amawundlu ngengalo yayo, iwathwale esifubeni sayo, izihole ngobumnene ezizinyanelayo.


Abathobekileyo bazakudla basuthe; bayakumdumisa uJehova abamfunayo; inhliziyo yakho iyophila phakade.


Kuyakuba khona imifula nemifudlana yamanzi phezu kwazo zonke izintaba eziphakemeyo naphezu kwawo wonke amagquma aphakeme ngosuku lokuceka okukhulu, lapho kuwa imibhoshongo.


Ngakho abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya, beze eSiyoni ngokuthokoza; futhi injabulo yaphakade iyoba phezu kwekhanda labo; bayothola intokozo nentokozo; usizi nokulila kuyakubaleka.


Ngiyakwethaba ngeJerusalema, ngethabe ngabantu bami;


Babusisiwe abalilayo, ngokuba bayakududuzwa.


UJesu waphendula wathi kuye: Uba ubusazi isipho sikaNkulunkulu, lokuthi ngubani othi kuwe: Nginathisa; ubuyakucela kuye, yena ubeyakukunika amanzi aphilayo.


Laba yibo abangangcoliswanga ngabesifazane; ngoba bayizintombi. Laba yibo abalandela iWundlu nomaphi lapho liya khona. Laba bahlengwa phakathi kwabantu, balibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu.


Angibonanga ithempeli kuwo, ngokuba iNkosi uNkulunkulu uMninimandla onke neWundlu bayithempeli lawo.


Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nokukhanya kwawo iWundlu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite