Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 3:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngokuba uthi: Ngicebile, ngicebile, angisweli lutho; kanti kawazi ukuthi ulusizi, lolusizi, lompofu, lesiphofu, njalo uhamba ze;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ngokuba uthi: ‘Ngicebile, kangiswele lutho,’ kanti kawazi ukuthi ungolusizi, nowokuhawukelwa, nompofu, nophuphuthekayo, nohamba ze;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Ngokuba uthi: “Ngicebile, nginomnotho omningi, angiswele lutho,” kanti kawazi ukuthi nguwe kanye olusizi, odabukisayo, ompofu, ophuphuthekayo nohamba ze.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Ngokuba uthi: Ngicebile, ngicebile, angisweli lutho; kanti kawazi ukuthi ulusizi, lolusizi, lompofu, lesiphofu, njalo uhamba ze;

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 3:17
26 Referans Kwoze  

Kukhona ozicebayo, kepha engenalutho; kukhona ozenza mpofu, kanti inotho enkulu.


Wayesethi u-Efrayimi: “Nokho ngicebile, ngizitholele okuhle; kuwo wonke umshikashika wami abayikufumana ububi obuyisono kimi.


Ngiyayazi imisebenzi yakho, nosizi, nobumpofu, (kodwa ucebile) futhi ngiyakwazi nenhlamba yalabo abathi bangamaJuda, kanti bengesiwo, kodwa isinagoge likaSathane.


O mina muntu wosizi! ngubani ozangikhulula kulomzimba walokhu kufa?


Ubasuthisile abalambileyo ngezinto ezinhle; nabacebile wabamukisa bengenalutho.


Kodwa uJesu ekuzwa wathi kubo: Abaphilileyo kabadingi melaphi, kodwa abagulayo.


Bheka, ngiza njengesela; Ubusisiwe olindayo, ogcina izingubo zakhe, funa ahambe nqunu, babone ihlazo lakhe.


Ngoba ngomusa engiwuphiweyo, ngithi kuwo wonke umuntu ophakathi kwenu ukuthi angazicabangeli ngaphezu kwalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa.


Ayesevuleka amehlo abo bobabili, babona ukuthi bahamba ze; basebethunga amaqabunga omkhiwane, bazenzela izigqoko.


Kodwa ongelazo lezizinto uyisiphofu, kaboni ekhatshana, njalo ukhohliwe ukuthi wahlanjululwa ezonweni zakhe zakudala.


Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.


Kodwa maye kini lina elicebileyo! ngokuba seniyitholile induduzo yenu.


ezibanikazi bazo abazibulalayo, bazenze zingenacala; nabathengisa ngazo bathi: “Makabongwe uJehova! ngoba ngicebile, abelusi bazo kabanamusa kuzo.


INkosi yasibahlupha abantu, ngoba belenzile ithole uAroni alenzileyo.


Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo; ukuthi ukuphuphutheka kwehlele uIsrayeli ngokwengxenye, kuze kungene ukugcwala kwabezizwe.


Yebo; ngenxa yokungakholwa aphulwa, wena umi ngokukholwa. Ungazikhukhumezi, kodwa yesaba;


O sizukulwane, bonani izwi likaJehova. Ngangiyihlane ku-Israyeli na? izwe lobumnyama? Ngalokho abantu bami bathi: “Singamakhosi; asisayikuza kini na?


Ngubani oyimpumputhe ngaphandle kwenceku yami na? noma isithulu, njengesithunywa sami engisithumayo? Ngubani oyimpumputhe njengopheleleyo, oyimpumputhe njengenceku kaJehova na?


funa ngisuthe, ngikuphike ngithi: Ungubani uJehova? ukuze ngingabi mpofu ngebe futhi ngisebenzise iGama likaNkulunkulu wami ngeze.


Ngakho-ke, ngenxa yokuba usivivi, ungashisi, ungabandi, ngiyakukuhlanza uphume emlonyeni wami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite