Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 22:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngokuba ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nawabenzayo amanga.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Ngaphandle kukhona izinja, abathakathi, izifebe, ababulali, abakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Ngokuba ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nawabenzayo amanga.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 22:15
29 Referans Kwoze  

Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.


Xwayani izinja, xwayani izisebenzi ezimbi, xwayani abasikayo.


Akuyikungena kuwo lutho olungcolileyo, nawo wonke amanyala namanga, kuphela abalotshiweyo encwadini yokuphila yeWundlu.


Ngenxa yalezozinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli;


Nokukhanya kwesibani akusayikukhanya kuwe nakanye; nezwi lomyeni nelomlobokazi alisayikuzwakala kuwe nakanye; ngokuba ngobuthakathi bakho izizwe zonke zikhohlisiwe.


Ngiyakusondela kinina ngokwahlulelwa; futhi ngiyoba ufakazi osheshayo ngokumelene nabathakathi, neziphingi, nakubafungi bamanga, nalabo abacindezela isiqashwa emholweni wakhe, umfelokazi nezintandane, nomfokazi ophambukayo esandleni sakhe sokunene futhi angesabi. Mina, usho uJehova Sebawoti.


Basebemnaka, ngoba kwasekuyisikhathi eside ebathakatha ngemilingo.


Abaprofethi baprofetha amanga, nabapristi babusa ngezandla zabo; futhi abantu bami bangathanda kanjalo; futhi uyokwenzani ekupheleni kwakho?


Kodwa sondelani lapha, bantwana benyanga, inzalo yesiphingi lesifebe.


Kepha abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.


Manje sukuma kanye nemilingo yakho nobuningi bobuthakathi bakho oye wakhathala ngabo kwasebusheni bakho; uma kunjalo, uzokwazi ukuzuza, uma kunjalo, unganqoba.


Kepha lezi zinto ezimbili ziyakukwehlela ngokuphazima kweso, ngalusuku lunye, ukufelwa abantwana nobufelokazi;


Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuJehoshafati: “Kusenendoda eyodwa, uMika, indodana kaJimila, esingabuza ngayo kuJehova; kodwa ngiyamzonda; ngoba akaprofethi okuhle ngami, kodwa okubi. UJehoshafati wathi: “Mayingasho njalo inkosi.


Ngubani kini ongangisola ngesono na? Uma ngikhuluma iqiniso, aningikholwa ngani na?


Ungalethi inkokhelo yesifebe nenani lenja endlini kaJehova uNkulunkulu wakho nganoma yisiphi isithembiso; ngoba lezi ezimbili ziyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.


Indlu yakhe iyindlela eya endaweni yabafileyo, eyehlela emakamelweni okufa.


Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova, kepha abenza iqiniso uyintokozo yakhe.


Ninganiki izinja okungcwele, ningaphonsi amaparele enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo zazo, ziphenduke, ziniklebhule.


Izifebe, labazingcolisa kanye labantu, amasela abantu, abaqambimanga, abafunga amanga, njalo uba kukhona okunye okuphambana lemfundiso ephilileyo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite