Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 22:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ongalungile makenze okungalungile; nongcolileyo makaqhubeke engcolile, nolungileyo makaqhubeke elungile, nongcwele makahlale ngcwele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ongalungile makenze njalo okungalungile, nongcolileyo makazingcolise njalo, kepha olungileyo makenze njalo ukulunga, nongcwele makazingcwelise njalo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Ongalungile makaqhubeke enze kanjalo okungalungile, ongcolileyo makazingcolise njalo, kodwa olungileyo makenze njalo ukulunga, kuthi nongcwele azingcwelise njalo.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Ongalungile makenze okungalungile; nongcolileyo makaqhubeke engcolile, nolungileyo makaqhubeke elungile, nongcwele makahlale ngcwele.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 22:11
22 Referans Kwoze  

Abaningi bayakuhlanjululwa, benziwe mhlophe, bacwengisiswe; kepha ababi bayakwenza okubi; futhi akukho noyedwa omubi oyoqonda; kepha abahlakaniphileyo bayakuqonda.


Kodwa indlela yabalungileyo injengokukhanya okukhazimulayo okuqhubeka kukhanya njalo kuze kube semini enkulu.


Kodwa lapho ngikhuluma kuwe, ngizavula umlomo wakho, uthi kubo: Itsho njalo iNkosi uJehova; Ozwayo makezwe; noyiyekayo mayime, ngokuba bayindlu edlubulundayo.


Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.


Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe. Uma impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.


Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa.


Futhi olungileyo uyogcina indlela yakhe, futhi onezandla ezihlanzekile uyoba namandla futhi aqine.


Kuye olamandla okulilinda ekukhubekeni, lokulimisa phambi kwenkazimulo yakhe lingelasici ngentokozo enkulu;


Zisaya kothenga, wafika umyeni; lezo ezazilungile zangena laye emshadweni, umnyango wavalwa.


Omubi uyaxoshwa ebubini bakhe, kepha olungileyo ulindela ukufa kwakhe.


ukuze azimise phambi kwakhe ibandla elinenkazimulo, elingenasisihla, noma umbimbi, nanto enjalo; kodwa ukuthi libe ngcwele njalo lingelasici.


Wabona umkhiwane ngasendleleni, waya kuwo, akafumananga lutho kuwo, amaqabunga kuphela; Umkhiwane wabuna masinyane.


Ngakho ngabanikela enkanukweni yenhliziyo yabo, bahamba ngamacebo abo.


Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiyahamba, niyakungifuna, nifele ezonweni zenu;


Kwase kwehlela phezu kwabantu isichotho esikhulu sivela ezulwini, ilitshe ngalinye isisindo salo liyitalenta; abantu bahlambalaza uNkulunkulu ngenxa yenhlupho yesichotho; ngoba isifo sawo sasisikhulu kakhulu.


Lapho amafu egcwele imvula, athululela emhlabeni; uma umuthi uwa ngaseningizimu noma ngasenyakatho, endaweni lapho isihlahla uwe khona, siyakuba-khona.


Akusayikuba-khona isiqalekiso, kepha isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu siyakuba kuwo; nezinceku zakhe ziyakumkhonza;


Emzimbeni wenyama yakhe ngokufa, ukuze alethule phambi kwakhe lingcwele, lingelacala, lingelacala.


ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini, ngokuba yena wenza ilanga lakhe liphume phezu kwababi nabahle, nemvula ayinisa kwabalungileyo nabangalungile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite