Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 22:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Yangikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu, uphuma esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu,* uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila, ucwebezelisa okwekhristalu, uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Yangikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu, uphuma esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 22:1
30 Referans Kwoze  

Ngokuba iWundlu eliphakathi kwesihlalo sobukhosi liyakubalusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila;


Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade.


Wathi kimi: Sekwenzekile. Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho. Owomileyo ngiyakumnika ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.


Ngalolo suku amanzi aphilayo ayakuphuma eJerusalema; ingxenye yawo ngaselwandle lwangaphambili nengxenye yawo ngaselwandle lwasemuva; ehlobo nasebusika kuyoba njalo.


Kukhona umfula, imifudlana yawo ethokozisa umuzi kaNkulunkulu, indlu engcwele yamatabernakele oPhezukonke.


UMoya nomlobokazi bathi: Woza. Nozwayo makathi: Woza. Nowomileyo makeze. Futhi yilowo nalowo othanda makathathe amanzi okuphila ngesihle.


Jehova, themba lika-Israyeli, bonke abakushiyayo bayakuba namahloni, nabasuka kimi bayakulotshwa emhlabeni, ngokuba beshiyile uJehova, umthombo wamanzi aphilayo.


Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili; bangishiyile mina, mthombo wamanzi aphilayo, bazimbele imithombo, imithombo eqhekekileyo, engagcini manzi.


Ngiyakuvula imifula ezindaweni eziphakemeyo nemithombo ezigodini; Ngiyakwenza ugwadule lube yichibi lamanzi, nomhlabathi owomileyo ube yimithombo yamanzi.


Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.


Ngakho-ke ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuchithile lokhu enikubonayo nenikuzwayo manje.


Ulenkazimulo kaNkulunkulu; ukukhanya kwawo kunjengetshe eliligugu elikhulu, linjengetshe lejaspi elicwebezela njengekristalu;


Kodwa nxa esefikile uMduduzi, engizamthuma kini evela kuBaba, uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, yena uzafakaza ngami.


Konke okusezulwini, nasemhlabeni, naphansi komhlaba, nokuselwandle, nakho konke okukukho, ngakuzwa, ngithi: Makube kini isibusiso, nodumo, nenkazimulo, namandla. Ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu kuze kube phakade naphakade.


O, ukube ubuyilalele imiyalo yami! ukuthula kwakho kwaba njengomfula, nokulunga kwakho njengamagagasi olwandle;


Ngasengibona, khangela-ke, phakathi kwesihlalo sobukhosi lezidalwa ezine eziphilayo, laphakathi kwabadala, kumi iWundlu linjengokuhlatshiwe, linezimpondo eziyisikhombisa lamehlo ayisikhombisa, angoMoya abayisikhombisa bezulu. UNkulunkulu wathumela emhlabeni wonke.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakulinika ukuthula njengomfula, nenkazimulo yabezizwe njengomfula ogobhozayo; khona-ke uyakuncela, uthwalwe emaceleni akhe, uphonseke emadolweni akhe.


Isambulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu ukuba abonise izinceku zakhe okumelwe ukwenzeka masinyane; wathumela ngengelosi yakhe wabonakalisa encekwini yakhe uJohane.


Kwase kufika kimi enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa ezigcwele izinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, yakhuluma nami, yathi: “Woza lapha, ngizokubonisa umlobokazi, umkaWundlu.


Yathi kimi: “Lawa mazwi athembekile, aqinisile, neNkosi uNkulunkulu wabaprofethi abangcwele yathuma ingelosi yayo ukubonisa izinceku zayo okumelwe zenzeke masinyane.


Uma uNkulunkulu ekhazimulisiwe kuye, naye uNkulunkulu uyakumkhazimulisa kuye, ahle amkhazimulise.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite