Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 21:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 “Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 21:8
39 Referans Kwoze  

Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo kayikulinyazwa ngukufa kwesibili.


Ngokuba ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nawabenzayo amanga.


Ufakazi wamanga kayikujeziswa, lokhuluma amanga uzabhubha.


Lowo ozonda umzalwane wakhe ungumbulali, niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye.


Ngiyakusondela kinina ngokwahlulelwa; futhi ngiyoba ufakazi osheshayo ngokumelene nabathakathi, neziphingi, nakubafungi bamanga, nalabo abacindezela isiqashwa emholweni wakhe, umfelokazi nezintandane, nomfokazi ophambukayo esandleni sakhe sokunene futhi angesabi. Mina, usho uJehova Sebawoti.


Sabanjwa isilo, kanye naso nomprofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, adukisa ngazo labo abamukela uphawu lwesilo, nabakhuleka emfanekisweni waso. Laba bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.


Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, nombhede ungabi nasisihla, kepha izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.


Ukukhuluma amanga ngokuzenzisa; beshiswe unembeza wabo ngensimbi eshisayo;


Wathi kubo: “Nesabelani nina bokukholwa okuncane na? Wasevuka, wayikhuza imimoya nolwandle; kwaba khona ukuthula okukhulu.


futhi kabaphendukanga ekubulaleni kwabo, lekuthakatheni, loba ubufebe babo, loba ekwebeni kwabo.


Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wawo.


Ningabesabi ababulala umzimba, bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.


Ufakazi wamanga kayikujeziswa, lophafuza amanga kayikuphunyuka.


Izinceku kumelwe ziqhubeke zikhuluma kubantu zithi: ‘Ngumuphi umuntu owesabayo nodangele? makahambe abuyele endlini yakhe, funa inhliziyo yabafowabo iphele njengenhliziyo yakhe.


Ngubani ongumqambimanga ngaphandle kwalowo ophika ukuthi uJesu unguKristu na? Ungumphikukristu, ophika uYise neNdodana.


Omdala nohloniphekileyo uyinhloko; nomprofethi ofundisa amanga ungumsila.


Okholwa eNdodaneni kaNkulunkulu unobufakazi phakathi kwakhe; ngoba engakholwanga ubufakazi uNkulunkulu abufakazile ngeNdodana yakhe.


Wesaba, noma wesaba bani, uze uqambe amanga, ungacabangi ngami, ungakubekeli enhliziyweni na? angizange ngithule kusukela kudala, wena awungesabi na?


Hamba manje, umemeze ezindlebeni zabantu, uthi: Wonke owesabayo owesabayo makabuye, asuke entabeni yakwaGileyadi. Kwabuya kubantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili; kwasala izinkulungwane eziyishumi.


Ngiyayazi imisebenzi yakho, nomshikashika wakho, nokubekezela kwakho, nokuthi ungebekezelele ababi;


Mina nginguye oniduduzayo: ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe njengotshani;


Yena lowo ukufika kwakhe kungokokusebenza kukaSathane ngawo wonke amandla, nezibonakaliso, nezimangaliso zamanga;


nakuJesu umlamuleli wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafazwa, elikhuluma okuhle kunelika-Abela.


Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu; kodwa bayamphika ngemisebenzi, benengekayo, nabangalaleliyo, nakuyo yonke imisebenzi emihle bengaboshiwe.


Ngabona kanjalo embonweni amahhashi nabahlezi phezu kwawo benezivikelo zesifuba zomlilo, nezehiyakinte, nezesibabule, namakhanda amahhashi ayenjengamakhanda ezingonyama; emilonyeni yazo kwakuphuma umlilo, nomusi, nesibabule.


Yena uyakuphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu, elithululwa ngaphandle kokuxutshaniswa nendebe yentukuthelo yakhe; futhi uyohlushwa ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.


Akuyikungena kuwo lutho olungcolileyo, nawo wonke amanyala namanga, kuphela abalotshiweyo encwadini yokuphila yeWundlu.


Ngase ngesaba, ngaya ngalithukusa emhlabathini italenta lakho; bheka, usunakho okwakho.


lapho impethu yabo ingafi khona, nomlilo ongacimi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite