Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 21:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Onqobayo uyakudla ifa lakho konke; ngiyakuba nguNkulunkulu wayo, yona ibe yindodana yami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Onqobayo uyakulidla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Onqobayo uyakudla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Onqobayo uyakudla ifa lakho konke; ngiyakuba nguNkulunkulu wayo, yona ibe yindodana yami.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 21:7
26 Referans Kwoze  

Njalo ngizakuba nguYihlo, lina lizakuba ngamadodana lamadodakazi ami, itsho iNkosi uSomandla.


Ngokuba yilesi isivumelwano engiyakusenza nendlu ka-Israyeli emva kwalezo zinsuku, isho iNkosi; Ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo, ngiyilobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.


Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi: Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu, uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, abe nguNkulunkulu wabo.


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo kayikulinyazwa ngukufa kwesibili.


Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: Wozani lina elibusiswe nguBaba, lidle ilifa lombuso eliwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle imana elifihliweyo, ngimnike itshe elimhlophe, nasetsheni igama elisha elilotshiwe, elingaziwa muntu, kuphela owemukelayo.


Nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amasimu, ngenxa yegama lami, uyakwamukeliswa okuphindwe kakhulu, adle ifa lokuphila okuphakade.


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila, ophakathi kwepharadesi likaNkulunkulu.


Ngiyakubaletha, bahlale phakathi kweJerusalema; futhi bayoba abantu bami, futhi ngiyoba nguNkulunkulu wabo ngokwethembeka nangobulungisa.


Abahlakaniphileyo bayakudla ifa lodumo, kepha iziwula ziyihlazo.


Uyavusa ompofu othulini, aphakamise isinxibi endundumeni yomquba, ukuze asibeke phakathi kwezikhulu, abenze badle ifa lesihlalo sobukhosi senkazimulo; ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova, izwe liphezu kwazo.


ningaphindiseli okubi ngokubi, nokuthuka ngokuthuka, kodwa ngokuphambene nibusise; nazi ukuthi nabizelwa lokho, ukuze nidle ifa lesibusiso.


Kepha lokho eninakho kubambisiseni ngize ngifike.


Kwathi esephumela endleleni, kwagijima omunye, waguqa phambi kwakhe, wambuza wathi: Mfundisi Olungileyo, ngenzeni ukuze ngidle ilifa lempilo elaphakade?


Ngiyakuveza inzalo kuJakobe, nendlalifa yezintaba zami kuJuda; nabakhethiweyo bami bayakulidla, nezinceku zami ziyakuhlala khona.


Ngiyakunika wena nenzalo yakho emva kwakho izwe ogogobele kulo, izwe lonke laseKhanani, libe yifa laphakade; njalo ngizakuba nguNkulunkulu wabo.


Mina ngizakuba nguyise, yona ibe yindodana yami. Uma enza okubi, ngiyakumshaya ngenduku yabantu nangemivimbo yamadodana abantu;


Uyakungibiza ngokuthi: “Wena unguBaba, uNkulunkulu wami nedwala lensindiso yami.


Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo!


Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu bangabantwana bakaNkulunkulu.


Ngokuba ukulangatha okudaliweyo kulindele ukuvezwa kwabantwana bakaNkulunkulu.


Futhi linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? ngokuba nina niyithempeli likaNkulunkulu ophilayo; njengalokhu uNkulunkulu eshilo ukuthi: Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngizakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite