Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 2:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngiyayazi imisebenzi yakho, nosizi, nobumpofu, (kodwa ucebile) futhi ngiyakwazi nenhlamba yalabo abathi bangamaJuda, kanti bengesiwo, kodwa isinagoge likaSathane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngiyakwazi ukuhlupheka kwakho nobumpofu bakho – kanti ucebile – nenhlamba yabathi bangabaJuda bengesibo, kodwa beyisinagoge* likaSathane.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 ngiyakwazi ukuhlupheka kwakho nobumpofu bakho, kodwa ube ucebile, nenhlamba yalabo abathi bangabaJuda bengesibo, kodwa beyisinagoge likaSathane.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Ngiyayazi imisebenzi yakho, nosizi, nobumpofu, (kodwa ucebile) futhi ngiyakwazi nenhlamba yalabo abathi bangamaJuda, kanti bengesiwo, kodwa isinagoge likaSathane.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 2:9
29 Referans Kwoze  

Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane, abathi bangamaJuda, bengesiwo, kodwa beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.


Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, ukuthi nakuba ecebile waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nina nicebe.


Kungesikho ukuthi ilizwi likaNkulunkulu lehlulekile. Ngokuba abasibo bonke abakwa-Israyeli abaphuma ku-Israyeli;


njengabadabukileyo, kodwa abahlezi bethokoza; njengabampofu, kepha senza abaningi bacebe; njengabangenalutho, kanti sinezinto zonke.


ukuba benze okuhle, bacebe emisebenzini emihle, babe nokwaba, bahlanganyele nabanye;


UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumile ukuba ngiphulukise abadabukileyo, ngishumayele ukukhululwa kwabathunjwa, nokubona kwabayizimpumputhe, ngikhulule abachotshoziweyo;


Ngiyayazi imisebenzi yakho, nomshikashika wakho, nokubekezela kwakho, nokuthi ungebekezelele ababi;


Waphakamisela amehlo akhe kubafundi bakhe, wathi: “Manibusiswe nina bampofu, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu.


Jabulani ethembeni; ubekezele osizini; niqinise emthandazweni;


Akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko, sazi ukuthi usizi luveza ukubekezela;


Ngake ngaba ngumhlambazi, nomzingeli, nomhlukumezi, kodwa ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi ngokungakholwa.


Ngokuba sisekhona kini, sanitshela ngaphambili ukuthi siyakuhlushwa; njengoba kwenzeka, futhi niyazi.


ukuthi ekulingweni okukhulu kosizi, ukuchichima kwentokozo yawo, nobumpofu bawo obukhulu, kwaphumela engcebweni yokuphana kwawo.


Ngubani oyakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma usizi, noma ukucindezeleka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba-ze, noma ingozi, noma inkemba?


Ngathi kuye: Nkosi, nguwe owaziyo. Yathi kimi: Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.


Nezinye izinto eziningi zamhlambalaza.


Unjalo oziqongelelela ingcebo, engacebile kuNkulunkulu.


Bheka, wena ubizwa ngokuthi ungumJuda, weyame emthethweni, uzibonga ngoNkulunkulu;


Nasemasinagogeni onke ngabajezisa kaningi, ngibacindezela ukuba bahlambalaze; futhi njengoba ngibathukuthelele kakhulu, ngabazingela kwaze kwaba semizini yabezizwe.


beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebakhuthaza ukuthi bahlale ekukholweni, lokuthi simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngokuhlupheka okukhulu.


Lezizinto ngizikhulume kini ukuze libe lokuthula kimi. Ezweni niyakuba nosizi, kepha yimani isibindi; mina ngilinqobile izwe.


Khona uJesu wathi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.


Mina Johane, nongumfowenu, nomhlanganyeli wenu osizini, embusweni nasekubekezeleni kukaJesu Kristu, ngangisesiqhingini esithiwa iPhatmose ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu Kristu.


Ngiyayazi imisebenzi yakho, lalapho ohlala khona, lalapho isihlalo sikaSathane sikhona; njalo ulibambile ibizo lami, kawuphikanga ukholo lwami, langalezonsuku uAntipasi engumfakazi wami othembekileyo, owabulawa phakathi kwenu, lapho uSathane ehlala khona.


Kepha ngithi kinina nakwabanye abaseThiyathira, nonke eningenasifundiso, eningakwaziyo ukujula kukaSathane, njengokusho kwabo; angiyikubeka phezu kwenu omunye umthwalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite