Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 2:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 Kodwa ngilezinto ezinlutshwana ngawe, ukuthi uvumela owesifazana uJezebeli, ozibiza ngokuthi ungumprofethikazi, ukufundisa lokuduhisa inceku zami ukuthi ziphinge lokuthi zidle okuhlatshelwe izithombe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 “Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uvumela owesifazane uJezabeli ozisho ukuthi ungumprofethikazi, afundise, adukise izinceku zami ukuba zifebe, zidle okuhlatshelwe izithombe;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 “ ‘Kepha enginakho okungihluphayo ngawe, ukuthi uvumela owesifazane uJezebheli, lo ozibiza ngomphrofethikazi, ukuba afundise, adukise izinceku zami ukuze zifebe, futhi zidle okuhlatshelwe izithombe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Kodwa ngilezinto ezinlutshwana ngawe, ukuthi uvumela owesifazana uJezebeli, ozibiza ngokuthi ungumprofethikazi, ukufundisa lokuduhisa inceku zami ukuthi ziphinge lokuthi zidle okuhlatshelwe izithombe.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 2:20
19 Referans Kwoze  

Kepha nginezinto eziyingcosana ngawe, ngokuba unabo lapho ababambe isifundiso sikaBileyamu owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, ukuba badle okuhlatshelwe izithombe, benze ubufebe.


Kwathi, njengokungathi kuyinto elula kuye ukuhamba ezonweni zikaJerobowamu, indodana kaNebati, wathatha u-Izebeli indodakazi ka-Etibhali inkosi yamaSidoni ukuba abe ngumkakhe, wahamba wambulala. Wakhonza uBali, wakhuleka kuye.


ukuba nizile okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe; uma nizilinda kukho, nenza kahle. Nisale kahle.


Kumelwe ubulale indlu yenkosi yakho u-Ahabi, ukuze ngiphindisele igazi lezinceku zami, abaprofethi, negazi lazo zonke izinceku zikaJehova esandleni sika-Izebeli.


kodwa sibabhalele ukuthi bayeke amanyala ezithombe, lobufebe, lokukhanyiweyo, legazi.


Kepha nginento ngawe, ngokuba uluyekile uthando lwakho lokuqala.


Ukuze ungenzi isivumelwano nabakhileyo ezweni, kepha baphinge ngokulandela onkulunkulu babo, bahlabele onkulunkulu babo, kubizwe wena, udle umnikelo wakhe;


Kodwa uma umuntu ethi kini: Lokhu kuhlatshelwe izithombe, ningadli ngenxa yalowo okubonisileyo nangenxa kanembeza, ngokuba umhlaba ungoweNkosi nokugcwala kwawo;


Uyakuphuza emfudlaneni; ngasengilaya amagwababa ukuthi akuphakele khona.


UElija wasesithi kuye: Ungesabi; hamba wenze njengokusho kwakho; kodwa qala ungenzele iqebelengwana lakho ulilethe kimi bese ulenzela wena lendodana yakho.


UJoramu esembonile uJehu wathi: “Kusahleziwe kahle, Jehu na?” Wathi: “Kuthula kuni, lapho ubufebe bukanyoko u-Izebeli nobuthakathi bakhe busengaka na?”


“Wena ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuwo amadodakazi abantu bakini aprofetha okwenhliziyo yawo; futhi uprofethe ngokumelene nabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite