Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 2:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle imana elifihliweyo, ngimnike itshe elimhlophe, nasetsheni igama elisha elilotshiwe, elingaziwa muntu, kuphela owemukelayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana* elifihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, nasetsheni kulotshiwe igama elisha elingaziwa muntu, ngolamukelayo kuphela.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 “ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana efihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, futhi kulotshiwe etsheni igama elisha elingaziwa muntu, kuphela lowo olemukelayo.’

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle imana elifihliweyo, ngimnike itshe elimhlophe, nasetsheni igama elisha elilotshiwe, elingaziwa muntu, kuphela owemukelayo.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 2:17
24 Referans Kwoze  

Izizwe ziyakubona ukulunga kwakho, namakhosi onke inkazimulo yakho, wena ubizwe ngegama elisha oyakulibiza ngomlomo kaJehova.


Kumelwe nishiye igama lenu njengesiqalekiso kwabakhethiweyo bami, ngoba iNkosi uJehova iyonibulala futhi ibize izinceku zayo ngelinye igama.


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo kayikulinyazwa ngukufa kwesibili.


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila, ophakathi kwepharadesi likaNkulunkulu.


Bahlabelela kungathi ihubo elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine eziphilayo, namalunga; kwakungekho owayengasifunda lelo ngoma, kuphela abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane abahlengiwe emhlabeni.


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.


Ngokuba nafa, nokuphila kwenu kufihliwe noKristu kuNkulunkulu.


Kepha umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye;


Waphendula, wathi kubo: “Ngokuba niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kepha bona kabakuphiwanga.


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, izinceku zami ziyakudla, kepha nina niyakulamba; bhekani, izinceku zami ziyakuphuza, kepha nina niyokoma; bhekani, izinceku zami ziyakujabula, kepha nina niyakuba namahloni.


Ngoba omubi uyisinengiso kuJehova, kodwa imfihlo yakhe ikulabo abalungileyo.


Bayakusuthiswa ngamanoni endlu yakho; futhi kumelwe ubaphuzise emfuleni wenjabulo yakho.


Imfihlo kaJehova ikulabo abamesabayo; futhi uyobazisa isivumelwano sakhe.


Kodwa wathi kubo: Mina ngilokudla engikudlayo lina elingakwaziyo.


Ngokuba usho kanje uJehova kubathenwa abagcina amasabatha ami, bakhetha engikuthandayo, nababambelela esivumelwaneni sami;


Inhliziyo iyakwazi umunyu wayo; nomfokazi akamxubi nenjabulo yakhe.


UMose wathi ku-Aroni: “Thatha imbiza, ubeke kuyo imana, uyibeke phambi kukaJehova, igcinelwe izizukulwane zenu.


Nabo ngiyakubanika endlini yami naphakathi kwezindonga zami indawo negama elingcono kunelamadodana namadodakazi; ngiyakubanika igama eliphakade, elingayikunqunywa.


Esembathweni sakhe nasethangeni lakhe kunegama lilotshiwe ukuthi: INKOSI YAMAKHOSI, NOMBUSI WABABUSI.


Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite