Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 2:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kepha nginezinto eziyingcosana ngawe, ngokuba unabo lapho ababambe isifundiso sikaBileyamu owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, ukuba badle okuhlatshelwe izithombe, benze ubufebe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “Nokho kukhona okuyingcosana enginakho ngawe, ngokuba unabo lapho ababambisisa isifundiso sikaBalami owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli sokuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuba bafebe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 “ ‘Kepha nginokumbalwa okungihluphayo ngawe, kukhona labo ababambelele emfundisweni kaBhalami owafundisa uBhalaki ukuba abeke isikhubekiso phambi kwabantu bakwa-Israyeli ukuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuthi bafebe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Kepha nginezinto eziyingcosana ngawe, ngokuba unabo lapho ababambe isifundiso sikaBileyamu owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, ukuba badle okuhlatshelwe izithombe, benze ubufebe.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 2:14
30 Referans Kwoze  

abayishiyile indlela eqondileyo baduka belandela indlela kaBalami indodana kaBosori owathanda inkokhelo yokungalungi;


Bheka, kwenza abantwana bakwa-Israyeli baphambuka kuJehova endabeni yasePeyori ngesiluleko sikaBileyamu, kwaba khona isifo phakathi kwebandla leNkosi.


Kodwa ngilezinto ezinlutshwana ngawe, ukuthi uvumela owesifazana uJezebeli, ozibiza ngokuthi ungumprofethikazi, ukufundisa lokuduhisa inceku zami ukuthi ziphinge lokuthi zidle okuhlatshelwe izithombe.


Maye kubo! ngoba bahambe ngendlela kaKhayini, bagijimela ukuduka kukaBalami ukuze bathole umvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora.


ukuba nizile okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe; uma nizilinda kukho, nenza kahle. Nisale kahle.


Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, nombhede ungabi nasisihla, kepha izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.


UBalaki indodana kaSipori, inkosi yakwaMowabi, wasukuma walwa no-Israyeli, wathumela wabiza uBileyamu indodana kaBeyori ukuba aniqalekise.


netshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa, kwabakhubekayo ngezwi ngokungalilaleli, ababemiselwe lokho futhi.


Mayelana nabezizwe abakholwayo silobile, saphetha ngokuthi bangagcini okunje, kuphela ukuba bazigcine entweni ehlatshelwe izithombe, nasegazini, nasekokuklinyiweyo, nasebufebeni.


Babulala amakhosi akwaMidiyani, ngaphandle kwabaseleyo kwababuleweyo; okungukuthi u-Ewi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, amakhosi ayisihlanu akwaMidiyani; UBileyamu indodana kaBeyori naye wababulala ngenkemba.


Ngokuba ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nawabenzayo amanga.


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.


Nokho ngenxa yobufebe, yilowo nalowo makabe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda.


Maye kuwo umhlaba ngenxa yezikhubekiso! ngokuba kufanele ukuba kufike izikhubekiso; kodwa maye kulowomuntu esiza ngaye isikhubekiso!


Futhi, uma olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze ukungalungi, ngibeke isikhubekiso phambi kwakhe, uyakufa; ngoba ungamxwayisanga, uzafela esonweni sakhe langokulunga kwakhe akwenzileyo. Ngeke kukhunjulwe; kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.


Manje bheka, sengiya kubantu bakithi; woza, ngikwazise lokho lababantu abayakwenza kubantu bakho ekupheleni kwezinsuku.


Kuhle ukungadli inyama, nokungaliphuzi iwayini, nokunye umfowenu akhubeka ngakho, akhubeke, noma abe buthakathaka.


Ngakho-ke masingabe sisahlulelana, kepha kunalokho yahlulelani lokhu, ukuba kungabikho obeka isikhubekiso noma isikhubekiso endleleni yomzalwane.


Ngoba babakhonza phambi kwezithombe zabo, benza indlu kaIsrayeli yawela ebubini; ngalokho ngiphakamisele isandla sami kubo, isho iNkosi uJehova, futhi bayothwala ububi babo.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngibekela laba bantu izithiyo, oyise namadodana bawe phezu kwazo kanyekanye; umakhelwane nomngane wakhe bazobhubha.


Kepha nginento ngawe, ngokuba uluyekile uthando lwakho lokuqala.


Kodwa thina sitshumayela uKristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda, ubuthutha kumaGriki;


NoDavide uthi: “Itafula labo malibe ngumjibila, nesihibe, nesikhubekiso, nembuyiselo kubo;


Ngani na? Ngoba kabakufunanga ngokukholwa, kodwa ngokungathi ngemisebenzi yomthetho. Ngokuba bakhubeka etsheni lesikhubekiso;


futhi lizakuthi: Qumbani, fumbathani, lungisani indlela, susani isikhubekiso endleleni yabantu bami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite