Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 19:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Wavunyelwa ukuthi embathe ilineni elicolekileyo, elihlanzekileyo nelimhlophe, ngokuba ilineni elicolekileyo lingukulunga kwabangcwele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 wanikwa ukuba embathe ilineni elicolekileyo nelikhazimulayo nelihlanzekileyo,” ngokuba ilineni elicolekileyo liyizenzo ezilungileyo zabangcwele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Wanikwa ukuba embathe ilineni elicolekileyo, elikhazimulayo nelihlanzekileyo.” Ngokuba ilineni elicolekileyo liyizenzo zabangcwele ezilungileyo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Wavunyelwa ukuthi embathe ilineni elicolekileyo, elihlanzekileyo nelimhlophe, ngokuba ilineni elicolekileyo lingukulunga kwabangcwele.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 19:8
21 Referans Kwoze  

Ngizakwethaba kakhulu kuJehova, umphefumulo wami uzakwethaba ngoNkulunkulu wami; ngoba ungigqokise izembatho zensindiso, wangembesa ngesambatho sokulunga, njengomyeni ehloba ngezivunulo, lanjengomakoti ezihloba ngobucwebe bakhe.


Ngiyakululeka ukuba uthenge kimi igolide elicwengisiswe emlilweni, ukuze ucebe; nezingubo ezimhlophe, ukuze wembathe, kungabonakali ihlazo lobunqunu bakho; nomuthi wamehlo uwugcobe amehlo akho, ukuze ubone.


Kepha yembathani iNkosi uJesu Kristu, ningakhathaleli inyama ukuba nifeze izinkanuko zayo.


Izingubo zakhe zacwazimula, zaba mhlophe kakhulu njengeqhwa; kangangokuthi akekho umhlanzi emhlabeni ongaba mhlophe.


Wasesithi kuye: Mngane, ungene njani lapha ungelasembatho somtshado? Wathula wathula.


Abapristi bakho mabembeswe ukulunga; futhi abangcwele bakho mabajabule.


Ngubani ongayikukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? ngokuba wena wedwa ungcwele, ngokuba zonke izizwe ziyakuza, zikhuleke phambi kwakho; ngoba izahlulelo zakho zibonakalisiwe.


Ngakugqokisa izinto ezilukiweyo, ngakugqokisa izicathulo zezikhumba zamatahasi, ngakubhincisa ilineni elicolekileyo, ngakumboza ngosilika.


Kwathi besagqolozele ezulwini enyuka, bheka, amadoda amabili emi ngakubo embethe izingubo ezimhlophe;


Kwathi besasambathekile yilokho, bheka, nanko amadoda amabili emi ngakubo, enezingubo ezicwebezelayo;


Ngisho ukulunga kukaNkulunkulu okungokukholwa kuJesu Kristu kubo bonke naphezu kwabo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko;


Waseguqulwa isimo phambi kwabo, ubuso bakhe bakhazimula njengelanga, nezingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.


Uzenzela izigqoko ngezicucu; izingubo zakhe ziwusilika nokububende.


Lapho bengena emasangweni egceke elingaphakathi, bayakwembatha ilineni; uboya bezimvu abuyikuba phezu kwabo, lapho bekhonza emasangweni egceke elingaphakathi nangaphakathi.


Izingelosi eziyisikhombisa zaphuma ethempelini, zinezinhlupho eziyisikhombisa, zembethe ilineni elihlanzekile nelimhlophe, zibophe izifuba zazo amabhande egolide.


Amabutho asezulwini amlandela ekhwele amahhashi amhlophe, embethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo.


Izibuko, nelineni elicolekileyo, nezigqoko, namaveyili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite