Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 16:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu babo nezilonda zabo, futhi abaphendukanga emisebenzini yabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 futhi bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu babo nangenxa yezilonda zabo; kepha abaphendukanga emisebenzini yabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Kepha bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu nezilonda zabo, kodwa abaphendukanga emisebenzini yabo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu babo nezilonda zabo, futhi abaphendukanga emisebenzini yabo.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 16:11
20 Referans Kwoze  

Abantu bashiswa ukushisa okukhulu, bahlambalaza igama likaNkulunkulu onegunya phezu kwalezi zinhlupho, kepha abaphendukanga ukuba bamkhazimulise.


Kwase kwehlela phezu kwabantu isichotho esikhulu sivela ezulwini, ilitshe ngalinye isisindo salo liyitalenta; abantu bahlambalaza uNkulunkulu ngenxa yenhlupho yesichotho; ngoba isifo sawo sasisikhulu kakhulu.


Eyokuqala yahamba, yathululela isitsha sayo emhlabeni; kwasekuvela isilonda esibi esibuhlungu phezu kwabantu ababelophawu lwesilo, labo abakhonza umfanekiso waso.


Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, nengxenye yeshumi yomuzi yawa, kwabulawa ukuzamazama komhlaba abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa;


Ngamnika isikhathi sokuthi aphenduke ebufebeni bakhe; futhi kaphendukanga.


Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.


Dumisani uNkulunkulu wezulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Konke okuyalezwa nguNkulunkulu wezulu makwenzelwe ngenhliziyo yonke indlu kaNkulunkulu wezulu; ngoba kungani kufanele kube nolaka embusweni wenkosi namadodana ayo?


ukuze banikele iminikelo enephunga elimnandi kuNkulunkulu wasezulwini, bathandazele ukuphila kwenkosi namadodana ayo.


Usho kanje uKoresi, inkosi yasePheresiya, uthi: “UJehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba; wangiyala ukuba ngimakhele indlu eJerusalema lakwaJuda.


Futhi ezinsukwini zala makhosi uNkulunkulu wezulu uyovusa umbuso ongayikuchithwa phakade; umbuso awuyikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuphahlaza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.


Inkosi yasisithi kimi: Ucelani? Ngakho ngakhuleka kuNkulunkulu wezulu.


Kwathi lapho ngizwa lawa mazwi, ngahlala phansi, ngakhala, ngalila izinsuku ezithile, ngazila ukudla, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu wezulu;


Futhi nami, nkosi u-Aritahishashita, ngiyaleza bonke abaphathi-zimali abangaphesheya komfula ukuthi konke u-Ezra umpristi, isazi somthetho kaNkulunkulu wezulu, ayakukubuza kini, makwenziwe masinyane;


U-Aritahishashita, inkosi yamakhosi, ku-Ezra umpristi, isazi somthetho kaNkulunkulu wezulu, ukuthula okupheleleyo nangaleso sikhathi.


Usho kanje uKoresi, inkosi yasePheresiya, uthi: “Imibuso yonke yomhlaba iphiwe mina nguJehova uNkulunkulu wezulu; wangiyala ukuba ngimakhele indlu eJerusalema lakwaJuda. Ngubani phakathi kwenu kubo bonke abantu bakhe? UJehova uNkulunkulu wakhe makabe naye, akhuphuke.


Wathi kubo: “NgingumHeberu; ngiyamesaba uJehova uNkulunkulu wezulu, owenza ulwandle nomhlabathi owomileyo.


Ngesikhathi sokucindezeleka kwakhe wabuye waphambuka kuJehova; yiyo leyo nkosi u-Ahazi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite