Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 12:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uDeveli noSathane, odukisa izwe lonke; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Wayesephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke, waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Udrago omkhulu, inyoka endala okuthiwa nguMhlebi noSathane, odukisa umhlaba wonke; waphonswa phansi emhlabeni nezingelosi zakhe ezazinaye.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uDeveli noSathane, odukisa izwe lonke; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 12:9
68 Referans Kwoze  

A re ho bona: Ke bone Satane a theoha lehodimong jwaloka lehadima.


Kalokhu kungukwahlulelwa kwalomhlaba;


USathane owabadukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga, futhi bayohlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.


Siyazi ukuthi singabakaNkulunkulu nokuthi umhlaba wonke ulele ebubini.


okukubo unkulunkulu walelizwe uphuphuthekisile ingqondo yabangakholwayo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.


Wawa kanjani ezulwini, wena Lusifa, ndodana yokusa! unqunyulwe phansi kanjani, wena othuya izizwe!


Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yasisithi kowesifazana: Yebo, uNkulunkulu wathi: Lingadli kuyo yonke imithi yensimu?


Kwaba khona impi ezulwini: UMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako; nodrako walwa nezingelosi zakhe;


Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wawo.


Impisi newundlu kuyakudla ndawonye, ingonyama idle utshani njengenkunzi, nothuli lube yinyama yenyoka. Aziyikwenza okubi, zingachithi kuyo yonke intaba yami engcwele,” usho uJehova.


Uyakuphuma ukudukisa izizwe ezisemagumbini omane omhlaba, uGogi noMagogi, zibaqoqele ukulwa, isibalo sabo singangesihlabathi solwandle.


Kwabonakala esinye isimangaliso ezulwini; bheka, udrako omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe imiqhele eyisikhombisa.


Ingelosi yesihlanu yayisibetha; ngase ngibona inkanyezi ivela ezulwini, iwela emhlabeni, yanikwa isihluthulelo sakwalasha.


Kepha ngithi kinina nakwabanye abaseThiyathira, nonke eningenasifundiso, eningakwaziyo ukujula kukaSathane, njengokusho kwabo; angiyikubeka phezu kwenu omunye umthwalo.


Ngiyayazi imisebenzi yakho, lalapho ohlala khona, lalapho isihlalo sikaSathane sikhona; njalo ulibambile ibizo lami, kawuphikanga ukholo lwami, langalezonsuku uAntipasi engumfakazi wami othembekileyo, owabulawa phakathi kwenu, lapho uSathane ehlala khona.


Zithibeni, niqaphe; ngokuba isitha senu uSathane, njengengonyama ebhongayo, siyahamba sifuna engamshwabadela;


Kepha akumangalisi; ngoba uSathane uqobo uziguqula ingilosi yokukhanya.


funa uSathane asidle, ngokuba asibona abangenalwazi ngamacebo akhe.


Ngokuba abanjalo kabakhonzi iNkosi yethu uJesu Kristu, bakhonza isisu sabo; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenalwazi.


Ukuze uvule amehlo abo, basuke ebumnyameni, baye ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baye kuNkulunkulu, ukuze bamukele ukuthethelelwa kwezono, nefa phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.


INkosi yasisithi: Simoni, Simoni, khangela, uSathane unifunile, ukuze anihlunge njengokolweni;


Kodwa ngiyesaba ukuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu zonakaliswe, zisuke ebuqothweni obukuKristu.


Khona uSathane wangena kuJuda othiwa u-Iskariyothe engowabayishumi nambili.


Abasendleleni yilabo abezwayo; bese kufika uSathane, alisuse izwi ezinhliziyweni zabo, funa bakholwe, basindiswe.


Khona iyakuthi nakwabangakwesokhohlo: Sukani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe;


Khona uJesu wathi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.


USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo;


USathane wayesemthatha wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli.


Khona uJesu waholekela nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane.


Ngalolo suku uJehova uyakuhambela ngenkemba yakhe enzima nenkulu nenamandla phezu kukaLeviyathani, inyoka ehlabayo, noLeviyathani inyoka eyisigwegwe; futhi iyobulala udrako osolwandle.


INkosi uNkulunkulu yathi kowesifazane: “Kuyini lokhu okwenzileyo?” Wathi owesifazane: Inyoka ingikhohlisile, ngadla.


Sabanjwa isilo, kanye naso nomprofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, adukisa ngazo labo abamukela uphawu lwesilo, nabakhuleka emfanekisweni waso. Laba bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.


Ngokuba bayimimoya yamademoni, eyenza izibonakaliso, ephumela emakhosini omhlaba wonke ukubabuthela ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.


Sidukisa abakhileyo emhlabeni ngezibonakaliso esase sinamandla ukuzenza phambi kwesilo; sitshela abakhileyo emhlabeni ukuthi basenzele umfanekiso isilo, esasinenxeba lenkemba, kodwa saphila.


Kepha bonke abanye abantu abangabulawanga yilezi zinhlupho abaphendukanga emisebenzini yezandla zabo, ukuze bangakhuleki kumademoni, nezithombe zegolide, nezesiliva, nezethusi, nezetshe, nezokhuni; akaboni, angezwa, angahambi;


Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane, abathi bangamaJuda, bengesiwo, kodwa beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.


Ngiyayazi imisebenzi yakho, nosizi, nobumpofu, (kodwa ucebile) futhi ngiyakwazi nenhlamba yalabo abathi bangamaJuda, kanti bengesiwo, kodwa isinagoge likaSathane.


Kepha uMikayeli, ingelosi enkulu, lapho ebambene noSathane bephikisana ngesidumbu sikaMose, akabanga nasibindi sokumbeka icala lokuthuka, kodwa wathi: “INkosi mayikukhuze.


Ngakho lokhu abantwana bahlanganyela igazi lenyama, laye uqobo wahlanganyela khona lokho; ukuze ngokufa ambhubhise lowo owayenamandla okufa, okungukuthi, uSathane;


Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.


Futhi u-Adamu akakhohliswanga, kodwa owesifazane ekhohlisiwe waba esonweni.


Maningadukiswa muntu nangayiphi indlela, ngokuba lolo suku aluyikufika, ngaphandle kokuthi kufike ukuhlubuka kuqala, ambulwe lowo muntu wesono, indodana yokulahlwa;


Ukuze singabe sisaba abantwana, sijikijelwa ngapha nangapha, siqhutshwa yiwo wonke umoya wemfundiso, ngobuqili babantu, nobuqili bobuqili abaqamekela ukudukisa ngabo;


Futhi ukuze ngingaziphakamisi ngokungaphezu kwesilinganiso ngobuningi bezambulo, nganikwa iva enyameni, ingelosi kaSathane ukuba ingishaye, ukuze ngingaziphakamisi kakhulu.


UNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani. Amen.


Kodwa uPetro wathi: Ananiya, kungani uSathane egcwalise inhliziyo yakho ukuze uqambe amanga kuMoya oNgcwele, njalo ugodle inxenye yentengo yensimu?


ngokwahlulela, ngokuba umbusi walumhlaba usegwetshiwe.


Angisasayikukhuluma okuningi nani, ngokuba uyeza umbusi walumhlaba, kepha akanalutho kimi.


Nalo wesifazane oyindodakazi ka-Abrahama, uSathane ambophile, bheka, le minyaka eyishumi nesishiyagalombili bekungafanele yini akhululwe kulesi sibophelelo ngosuku lwesabatha na?


Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga, nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso; ukuze, uma kungenzeka, badukise nabakhethiweyo.


Isitha esawuhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi.


USathane wavukela u-Israyeli, wamlinga uDavide ukuba abale u-Israyeli.


Sasesimemeza ngelizwi elilamandla, sisithi: Liwile, iBhabhiloni elikhulu, njalo selibe yindawo yokuhlala amadimoni, lenqaba yabo bonke omoya abangcolileyo, lesibaya senyoni zonke ezingcolileyo lezizondekayo.


Ngobuningi bezinto zakho ezithengiswayo bagcwalise phakathi kwakho ngobudlova, wonile; ngakho-ke ngiyokulahla ungcolile entabeni kaNkulunkulu; futhi ngizokubhubhisa, kherubi elisibekelayo, usuke phakathi kwamatshe omlilo.


Nokukhanya kwesibani akusayikukhanya kuwe nakanye; nezwi lomyeni nelomlobokazi alisayikuzwakala kuwe nakanye; ngokuba ngobuthakathi bakho izizwe zonke zikhohlisiwe.


Beka omubi phezu kwakhe, uSathane ame ngakwesokunene sakhe.


Kodwa kazange anqobe; nendawo yabo ayibange isatholakala ezulwini.


Ngakho thokozani lina mazulu, lani elihlala kuwo. Maye kwabakhileyo emhlabeni nolwandle! ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane.


Wathi: “Ngiyakuphuma, ngibe ngumoya wamanga emlonyeni wabo bonke abaprofethi bakhe.” UJehova wathi: “Mlingeni, niyakumnqoba nani; phuma wenze njalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite