Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 12:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Wazala umntwana wesilisa, obeyakubusa izizwe zonke ngentonga yensimbi, nomntwana wakhe wahlwithwa wayiswa kuNkulunkulu nasesihlalweni sakhe sobukhosi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Wabeletha umntwana wesilisa ozakubusa izizwe zonke ngentonga yensimbi, nomntanakhe wahlwithelwa kuNkulunkulu nasesihlalweni sakhe sobukhosi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Wabeletha umntwana wesilisa ozokwelusa izizwe zonke ngentonga yensimbi. Umntwana wahlwithwa kuye wayiswa kuNkulunkulu nasesihlalweni sakhe sobukhosi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Wazala umntwana wesilisa, obeyakubusa izizwe zonke ngentonga yensimbi, nomntwana wakhe wahlwithwa wayiswa kuNkulunkulu nasesihlalweni sakhe sobukhosi.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 12:5
14 Referans Kwoze  

Emlonyeni wakhe kuphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye ngayo izizwe, azibusa ngentonga yensimbi, unyathela isikhamo sewayini solaka nolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.


Kwathi ekhulelwe wakhala, enemihelo, ebuhlungu ngokuzala.


Ngakho-ke iNkosi uqobo izakunika isibonakaliso; Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, iyibize ngokuthi u-Imanuweli.


Bezwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi kubo: “Yenyukelani lapha.” Benyukela ezulwini ngefu; nezitha zabo zababona.


Akamazi waze wazala izibulo lakhe; waqamba igama layo ngokuthi uJesu.


Ngakho-ke iyakuwanikela kuze kube yisikhathi lapho okhulelweyo esebelethile; insali yabafowabo iyakubuyela kubantwana bakwa-Israyeli.


Ngazi umuntu okuKristu eminyakeni eyishumi nane edlule (noma wayesemzimbeni angazi, noma wayengaphandle komzimba, angazi, uNkulunkulu uyazi), onjalo wahlwithwa wayiswa kwelesithathu izulu.


Khona emva kokuba iNkosi isikhulumile kubo, yenyuselwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.


Koze kube nini uzulazula, ndodakazi ehlubukayo? ngokuba uJehova udale okusha emhlabeni: owesifazane uyakuhaqa owesilisa.


Ngaphambi kokuba abelethe, wabeletha; zingakafiki ubuhlungu wabeletha umntwana wesilisa.


ukuthi wahlwithwa wasiwa eParadisi, wezwa amazwi angakhulumekiyo, okungavunyelwe ukuba umuntu awakhulume.


Kwathi udrako esebonile ukuthi uphonswe emhlabeni, wazingela owesifazana owazala umntwana wesilisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite