Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 12:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kwabonakala esinye isimangaliso ezulwini; bheka, udrako omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe imiqhele eyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kwabonakala esinye isibonakaliso ezulwini; bheka, nango udrako* omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe enemiqhele eyisikhombisa;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Kwabonakala futhi esinye isibonakaliso ezulwini; nango udrago omkhulu, obomvu, onamakhanda ayisikhombisa nezimpondo ezilishumi. Emakhanda akhe wayenemiqhele eyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Kwabonakala esinye isimangaliso ezulwini; bheka, udrako omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe imiqhele eyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 12:3
27 Referans Kwoze  

Izimpondo eziyishumi ozibonile zingamakhosi ayishumi angakawamukeli umbuso; kodwa amukele amandla njengamakhosi ihora linye kanye nesilo.


Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uDeveli noSathane, odukisa izwe lonke; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.


Izimpondo eziyishumi owazibonayo nesilo, lezi ziyakusizonda isifebe, zisenze incithakalo, zibe nqunu, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo.


Yathi kimi ingelosi: “Umangala ngani na? Ngizokutshela imfihlakalo yowesifazane, neyesilo esimthwele, esinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi.


Izimpondo eziyishumi kulo mbuso zingamakhosi ayishumi ayakuvela, kuvele enye emva kwawo; futhi iyohluka kweyokuqala, futhi iyothobisa amakhosi amathathu.


ezimpondweni eziyishumi ezazisekhanda laso, nezinye ezavelayo, ezawa phambi kwazo ezintathu; yebo lolo phondo olwalunamehlo, nomlomo owakhuluma izinto eziningi ezinkulu, okubonakala kwawo kwakunamandla kunezinye.


Yasibamba udrako, inyoka endala, onguSathane, noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane;


Umsila wawo wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu, waziphonsa emhlabeni;


Kwabonakala isibonakaliso esikhulu ezulwini; owesifazane embethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, nasekhanda lakhe kukhona umqhele wezinkanyezi eziyishumi nambili;


Ngabona kuphuma emlonyeni kadrako, nasemlonyeni wesilo, nasemlonyeni womprofethi wamanga omoya abathathu abangcolileyo, befana namasele.


Vuka, vuka, wembathe amandla, ngalo kaJehova! vuka, njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zasendulo. Akuwena yini owagawula uRahabi, washaya udrako?


Ngalolo suku uJehova uyakuhambela ngenkemba yakhe enzima nenkulu nenamandla phezu kukaLeviyathani, inyoka ehlabayo, noLeviyathani inyoka eyisigwegwe; futhi iyobulala udrako osolwandle.


Amehlo akhe enjengelangabi lomlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; wayelebizo elilotshiweyo elalingaziwa muntu, ngaphandle kwakhe.


Udrako wamthukuthelela owesifazane, wahamba wayokulwa nensali yenzalo yakhe, egcina imiyalo kaNkulunkulu, enobufakazi bukaJesu Kristu.


Omdala nohloniphekileyo uyinhloko; nomprofethi ofundisa amanga ungumsila.


Njengalokhu amazwane ezinyawo ayeyingxenye yensimbi nengxenye yobumba, kanjalo umbuso uyakuba namandla nganxanye, uphukeke nganxanye.


Kwaba khona impi ezulwini: UMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako; nodrako walwa nezingelosi zakhe;


Kwathi udrako esebonile ukuthi uphonswe emhlabeni, wazingela owesifazana owazala umntwana wesilisa.


Ngase ngimi esihlabathini solwandle, ngabona isilo sikhuphuka elwandle, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasezimpondweni zaso kukhona imiqhele eyishumi, nasemakhanda aso kunegama lenhlamba.


Isilo engasibonayo sasifana nengwe, nezinyawo zaso zinjengezebhere, nomlomo waso unjengomlomo wengonyama, udrako wamnika amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, negunya elikhulu.


Bakhuleka kudrako owanika isilo amandla, bakhuleka kuso isilo, bathi: “Ngubani ofana nesilo na? ngubani ongalwa naye na?


Ngase ngibona esinye isibonakaliso ezulwini, esikhulu nesimangalisayo: izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupho eziyisikhombisa zokugcina; ngoba ulaka lukaNkulunkulu lugcwaliswa ngazo.


Wabona izinyawo nezinzwani, inxenye ilubumba lombumbi nenxenye iyinsimbi, umbuso uyakuhlukana phakathi; kepha kuyakuba khona amandla ensimbi, ngokuba wabona insimbi ixubene nodaka lodaka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite