Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 1:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kwathi ngimbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi kimi: “Ungesabi; ngingowokuqala nowokugcina;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ngathi ukumbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo; wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; mina ngingowokuqala nowokugcina,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Lapho ngimbona ngawa phansi ngasezinyaweni zakhe, nganjengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; Mina ngingowokuqala nowokugcina,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Kwathi ngimbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi kimi: “Ungesabi; ngingowokuqala nowokugcina;

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 1:17
30 Referans Kwoze  

Usho kanje uJehova, iNkosi ka-Israyeli, noMhlengi wakhe, uJehova Sebawoti; Mina ngingowokuqala, futhi ngingowokugcina; futhi akakho uNkulunkulu ngaphandle kwami.


Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, owokuqala nowokugcina.


Ngubani owakwenza wakwenza ngokubiza izizukulwane kusukela ekuqaleni? Mina, Jehova, owokuqala nowokugcina; nginguye.


Ngilalele, Jakobe, nawe Israyeli, ukukhala kwami; nginguye; Mina ngingowokuqala, futhi ngingowokugcina.


Nakuyo ingelosi yebandla laseSmirna loba ukuthi: Nakhu akushoyo owokuqala nowokugcina, owayefile, futhi wabuye waphila;


Njengokubonakala kothingo olusefwini ngosuku lwemvula, kwakunjalo ukubonakala kokukhanya nxazonke. Lokhu kwakungukubonakala komfanekiso wenkazimulo kaJehova. Ngathi ngibona, ngawa ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.


Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, isho iNkosi, ekhona, neyayikhona, nezayo, uMninimandla onke.


Ningesabi; ngoba mina nginani; ningethuki; ngoba nginguNkulunkulu wenu; Ngizokuqinisa; yebo, ngizokusiza; yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Lapho ekhuluma lawo mazwi kimi, ngabhekisa ubuso bami phansi, ngaba yisimungulu.


esithi: Mina nginguAlfa loOmega, owokuqala lowokuphela; e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamo, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.


Ngokuyesaba kwayo abalindi bathuthumela, baba njengabafileyo.


Yayisithi kimi: “Ungesabi, Daniyeli, ngokuba kusukela osukwini lokuqala owabeka ngalo inhliziyo yakho ekuqondeni nasekukujeziseni phambi kukaNkulunkulu wakho, amazwi akho ezwiwa, mina ngizele amazwi akho.


UMose wayesethi kubantu: “Ningesabi, ngokuba uNkulunkulu uze ukunivivinya, ukumesaba kube phambi kwenu, ukuze ningoni.


UMose wayesethi kubantu: “Ningesabi; yimani, nibone ukusindiswa kweNkosi ezonenzela khona namuhla; ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubabona kuze kube phakade.


Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lathi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho, nomvuzo wakho mkhulu kakhulu;


UPetru ephenduka wabona umfundi uJesu amthandayo elandela; laye eyame esifubeni sakhe esidlweni, wathi: Nkosi, ngubani okukhaphelayo?


Kwakukhona omunye wabafundi bakhe uJesu amthandayo, encike esifubeni sikaJesu.


Lapho ngizwa lokhu, isisu sami sathuthumela; izindebe zami zathuthumela ngezwi; ukubola kwangena emathanjeni ami, ngaqhaqhazela phakathi kwami, ukuze ngiphumule ngosuku losizi;


Futhi wathi: NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe. UMose wafihla ubuso bakhe; ngoba wayesaba ukubuka uNkulunkulu.


Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: Manini isibindi; yimina; ningesabi.


Ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina, ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni.


UJohane kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuye okhona nowayekhona nozayo; nakuMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi;


Wangizungeza ngemuva nangemuva, wabeka isandla sakho phezu kwami.


Wasondela ngosuku engakubiza ngalo; wathi: Ungesabi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite