Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 9:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 UNkulunkulu wami uyakubalahla, ngokuba abamlalelanga, bayakuba yizihambi phakathi kwezizwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 UNkulunkulu wami uyakubalahla, ngokuba abamlalelanga, babe ngabazulazulayo phakathi kwabezizwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 UNkulunkulu wami uyakubalahla, ngokuba abamlalelanga, bayakuba yimihambima phakathi kwezizwe.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 9:17
34 Referans Kwoze  

Maye kubo! ngoba bangibalekile, incithakalo iphezu kwabo. Ngoba beqile kimi; nakuba ngibahlengile, bakhuluma amanga ngami.


Kuyakuthi wonke umuntu ongayikumlalela lowo mprofethi uyakuchithwa kubantu.


Ningabi njengawoyihlo abaprofethi bokuqala abamemeza kubo, bathi: Usho kanje uJehova Sebawoti; Phendukani ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu ezimbi, kepha kabalalelanga, kabangilalelanga, usho uJehova.


Ngakho ngiyakumbheka uJehova; ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami; uNkulunkulu wami uyakungizwa.


O, ukube ubuyilalele imiyalo yami! ukuthula kwakho kwaba njengomfula, nokulunga kwakho njengamagagasi olwandle;


Ngokuba bhekani, ngiyaleza, futhi ngiyohlunga indlu ka-Israyeli phakathi kwezizwe zonke, njengokuhlungwa kukakolweni ngesisefo, kepha akuyikuwela nokuncane okusanhlamvu emhlabathini.


Ngokuba bayakudla, bangasuthi; bayofeba, bangande, ngokuba bayekile ukumlalela uJehova.


Wasesithi: Lalela, wena ndlu kaDavida! Kuyinto encane kini ukukhathaza abantu, kodwa nizokhathala noNkulunkulu wami?


Ovame ukwenza lukhuni intamo yakhe ngokusolwa uyachithwa ngokuzumayo, kungabikho ukuphulukiswa.


Kepha mina ngithembele kuwe Jehova; Ngathi: Wena unguNkulunkulu wami.


Ngikhumbule, Nkulunkulu wami, kube kuhle, njengakho konke engikwenzele laba bantu.


Kodwa baziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bawadelela amazwi akhe, bathuka abaprofethi bakhe, kwaze kwafika intukuthelo kaJehova ngabantu bakhe, kwaze kwangabangakho ukuphulukiswa.


Wayesethi uMika: “Kuphila kukaJehova, lokho uNkulunkulu wami akukhulumayo ngiyakukhuluma.”


Ngathi: Ngiyakubahlakazela emagumbini, ngiqede ukukhunjulwa kwabo phakathi kwabantu.


UJakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu, kubo izizwe eziyishumi nambili ezihlakazekile, ngiyabingelela.


Kodwa uNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe enkazimulweni kuKristu Jesu.


UTomase waphendula, wathi kuye: Nkosi yami, Nkulunkulu wami.


UJesu wathi kuye: “Ungangithinti; ngoba kangikenyukeli kuBaba; kodwa hamba uye kubafowethu, uthi kubo: Ngenyukela kuBaba loYihlo; nakuNkulunkulu wami, noNkulunkulu wenu.


Khona abaJuda bakhuluma bodwa, bathi: “Uzakuya ngaphi lo ukuba singamfumani na? Uyakuya kwabahlakazekileyo kwabezizwe, afundise abezizwe na?


Wathi: “Amose, ubonani na?” Futhi ngathi: Ubhasikidi izithelo zasehlobo. Wayesethi uJehova kimi: “Ukuphela sekufike kubantu bami u-Israyeli; Ngeke ngiphinde ngibadlule.


Abantu bazababiza ngokuthi yisiliva elahlwayo, ngoba uJehova ubalahlile.


Nxa nizala abantwana nabazukulu, senihlale isikhathi eside ezweni, niziphange, nenze isithombe esibaziweyo noma umfanekiso wanoma yini, nenze okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wenu ukuba amthukuthelise zala:


UJehova uyakunihlakaza phakathi kwezizwe, nisale niyingcosana phakathi kwezizwe uJehova eyakuniholela kuzo.


Manje, ngenxa yokuba nenzile yonke le misebenzi, uJehova uyakhuluma, futhi ngakhuluma kini, ngavuka ekuseni ngakhuluma, kodwa anilalelanga; ngalibiza, kodwa aniphendulanga;


Ngiyakunixosha phambi kwami, njengalokho ngaxosha bonke abafowenu, yonke inzalo yakwa-Efrayimi.


Abantu bami babhubha ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi, nami ngiyakukulahla, ungabi ngumpristi wami; ngoba ukhohliwe umlayo kaNkulunkulu wakho, lami ngizakhohlwa abantwana bakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite