Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 9:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 U-Efrayimi ushayiwe, impande yabo yomile, abayikuthela; noma bezala, nokho ngiyakubulala isithelo esithandekayo sesisu sabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 U-Efrayimi ushayiwe, impande yabo yomile, abayikuthela izithelo. Noma bezala, ngiyakubulala okuthandekayo kwesisu sabo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 U-Efrayimi unqundiwe, impande yabo yomile, abayukuthela sithelo. Noma bangazala, kodwa ngiyakubulala okuyigugu kwesisu sabo.”

Gade chapit la Kopi




Hoseya 9:16
10 Referans Kwoze  

Tshono kuyo indlu kaIsrayeli uthi: Itsho njalo iNkosi uJehova; “Bheka, ngiyayingcolisa indlu yami engcwele, ubuhle bamandla akho, isifiso samehlo akho nalokho umphefumulo wakho okuhawukelayo; amadodana enu namadodakazi enu aseleyo kini ayakuwa ngenkemba.


Ngakho-ke, njengomlilo uqeda izinhlanga, nelangabi lidla amakhoba, kanjalo impande yabo iyakuba njengokubola, nembali yabo ikhuphuke njengothuli, ngokuba bawulahlile umthetho kaJehova Sebawoti, balilahla izwi lamabandla. ONgcwele ka-Israyeli.


Ngokuba bhekani, luyeza usuku oluvutha njengeziko; bonke abazidlayo, nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi;


Ngokuba bahlwanyele umoya, bavune isivunguvungu; ihlumela ngeke liveze ufulawa; uma kunjalo, abafokazi bayakuwudla.


U-Efrayimi wacindezelwa, waphulwa ekwahluleleni, ngokuba wavuma ukulandela umyalo.


Yebo, abayikutshalwa; yebo, abayikuhlwanyelwa; yebo, isizwe sabo asiyikumila izimpande emhlabeni; futhi uyophephetha phezu kwabo, futhi bayobuna, futhi isiphepho siyobasusa njengamabibi.


Izimpande zawo ziyobuna ngaphansi, futhi igatsha lawo phezulu liyonqunywa.


Bheka, kwavela emva kwazo izinhlamvu eziyisikhombisa ezibunile, ezincane, zipheshulwa ngumoya wasempumalanga.


Inkemba evela ngaphandle nokwesaba okuvela ngaphakathi kuyobhubhisa insizwa kanye nentombi, nosane kanye nendoda esempunga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite