Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 9:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kepha u-Efrayimi, udumo lwakhe luyondiza lumuke njengenyoni, ekuzalweni nasesiswini nasekukhulelweni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Udumo luka-Efrayimi luyakundiza, lumuke njengenyoni, kungabikho ukuzala, nonesisu, nokukhulelwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Udumo luka-Efrayimi luyakundizela kude njengenyoni, kungabi bikho kuthatha sisu, kukhulelwa nakuzala.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 9:11
18 Referans Kwoze  

Abakhileyo eSamariya bayakwesaba ngenxa yamathole aseBeti Aveni, ngokuba abantu balo bayakulilela nabapristi balo abajabulayo ngalo, ngodumo lwalo, ngokuba lumukile kulo.


Baphe, Jehova, uzabanikani? abakhiphe isisu futhi ome amabele.


Njengoba banda, kanjalo bona kimi; ngalokho ngiyakuphendula udumo lwabo lube yihlazo.


Izaqalekiswa inzalo yesisu sakho, lesithelo selizwe lakho, lesanda senkomo zakho, lezimvu zezimvu zakho.


Ngokuba bhekani, ziyeza izinsuku abayakusho ngazo ukuthi: ‘Zibusisiwe izinyumba, nezizalo ezingazalanga, namabele angamunyisanga.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantwana bakwa-Amoni, nangenxa yezine, angiyikukubuyisa ukujeziswa kwabo; ngoba badwengula abesifazane abakhulelweyo bakwaGileyadi ukuze bandise umngcele wabo.


Uma umuntu ezala abantwana abayikhulu, aphile iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, nomphefumulo wakhe ungasuthi ngokuhle, futhi angabi nakumbelwa; Ngithi, ukuzalwa okungakafiki kuhle kunaye.


Njengomnenke oncibilika, yilowo nalowo makadlule njengokuzala kowesifazane, ukuze bangaliboni ilanga.


Yebo, ukukhanya komubi kuyakucishwa, nenhlansi yomlilo wakhe ngeke ikhanye.


Udumo lwakhe lunjengezibulo lenkunzi yakhe, nezimpondo zakhe zinjengezimpondo zenyathi; ngalokho Uyodudula abantu ndawonye kuze kube semikhawulweni yomhlaba; futhi bayizinkulungwane eziyishumi zakwa-Efrayimi, futhi bayizinkulungwane zakwaManase.


Nomncane wakhe ophumela phakathi kwezinyawo zakhe, nabantwana bakhe abayakubazala; ngoba iyobadla ngasese ngokuswela kwakho konke ekuvinjezelweni nasekucindezelweni isitha sakho esiyakukucindezela ngakho emasangweni akho.


UJosefa uyigatsha elithelayo, isihlahla sesithelo ngasemthonjeni; amagatsha awo awela odongeni;


Eyesibili wayiqamba igama lokuthi u-Efrayimi, ngokuba uNkulunkulu wangenza ngazala ezweni losizi lwami.


Inqaba iyakuma kwa-Efrayimi, nombuso waseDamaseku, nensali yase-Aramu; bayakuba njengenkazimulo yabantwana bakwa-Israyeli,” usho uJehova Sebawoti.


U-Efrayimi uyakuba yihlane ngosuku lwesijeziso; phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli ngazisile okuyakuba khona impela.


Ngakho uMikhali indodakazi kaSawule wayengenamntwana kwaze kwaba lusuku lokufa kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite