Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 7:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngosuku lwenkosi yethu izikhulu zayigulisa ngezimvaba zewayini; welula isandla sakhe nabahleka usulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngosuku lwenkosi yethu izikhulu zazigulisa ngokushisa kwewayini; yona yayiselulela izideleli isandla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Ngosuku lwenkosi yethu izikhulu zazigulisa ngokushisa kwewayini; yona yelula isandla sayo nezigebengu.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 7:5
20 Referans Kwoze  

Maye kuwo umqhele wokuzidla, izidakwa zakwa-Efrayimi, onkazimulo yakhe iyimbali ebunayo, ephezu kwezigodi ezivundileyo zabanqotshwe iwayini!


Futhi ningadakwa yiwayini, lapho kukhona ukuganga; kodwa gcwaliswani ngoMoya;


Kwathi sekufikile usuku oluhle, uHerode ngosuku lokuzalwa kwakhe wenzela izikhulu zakhe, nezinduna zezikhulu, nezikhulu zaseGalile idili;


Kwathi sekugujwa usuku lokuzalwa kukaHerodi, indodakazi kaHerodiya yasina phambi kwabo, yamthokozisa uHerodi.


Kodwa wena uziphakamisile eNkosini yezulu; aletha izitsha zendlu yakhe phambi kwakho, wena nezikhulu zakho, omkekho, nezancinza zakho naphuza ngazo iwayini; utusile onkulunkulu besiliva, nabegolide, nabethusi, nabensimbi, nabemithi, nabetshe, abangaboniyo, abangezwa, nabangazi; futhi uNkulunkulu okuphefumula kwakho kusesandleni sakhe, futhi owakhe zonke izindlela zakho, awumkhazimulisanga.


Iwayini liyisideleli, uphuzo oludakayo lubanga umsindo; nokhohliswa yikho akahlakaniphile.


Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyabhubha.


Abahlezi esangweni bakhuluma ngami; mina ngangiyingoma yezidakwa.


Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, ongemi endleleni yezoni, ongahlali esihlalweni sobukhosi sabaklolodayo.


Inkosi uJerobowamu isizwile izwi lomuntu kaNkulunkulu owamemeza emelene ne-altare eBethele, yelula isandla sakhe e-altare, yathi: “Mbambe.” Isandla sakhe aselulele kuye soma, wangabe esakwazi ukusibuyisela kuye.


Kwathi ngosuku lwesithathu kwakuwusuku lokuzalwa kukaFaro, wazenzela izinceku zakhe zonke idili;


Ngakho zwanini ilizwi likaJehova lina zideleli enibusa phezu kwalababantu abaseJerusalema.


Bajabulisa inkosi ngobubi babo, nezikhulu ngamanga abo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite