Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 6:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 IGileyadi lingumuzi wabenza okubi, lingcoliswe ngegazi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 IGileyadi lingumuzi wabenza okubi, linemikhondo yegazi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 IGileyadi lingumuzi wabenza inkohlakalo, limabhadubhadu yigazi.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 6:8
17 Referans Kwoze  

Kukhona ukungabi nabulungisa eGileyadi? impela ziyize; bahlaba izinkunzi eGiligali; yebo, ama-altare abo anjengezinqwaba emiseleni yensimu.


Bacela umusa ngaye ukuba ambize eJerusalema, beqamekele ukuba bambulale endleleni.


Umuntu omuhle ubhubhile emhlabeni, abekho oqotho phakathi kwabantu; bonke bafuna igazi; bazingela, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.


Yizwani lokhu, nina bapristi! lalelani nina ndlu ka-Israyeli! lalelani nina ndlu yenkosi! ngoba ukwahlulela kuyeza phezu kwenu, ngoba benilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori.


Ngokuthuka, nokuqamba amanga, nokubulala, nokweba, nokuphinga, bayafohla, igazi lithinta igazi.


Kodwa nganginjengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni; futhi ngangingazi ukuthi babengicebele amacebo, bethi: “Masiwuchithe umuthi nezithelo zawo, siwunqume ezweni labaphilayo, ukuze igama lawo lingabe lisakhunjulwa.


Izindwangu zabo aziyikuba yingubo, abayikuzimboza ngemisebenzi yabo; imisebenzi yabo iyimisebenzi yobubi, nomsebenzi wobudlova usezandleni zabo.


Ngikhulule kubenzi bobubi, ungikhulule kubantu begazi.


Uhlezi eziphepheni zemizi; ekucashile uyabulala ongenacala; amehlo akhe aphezu kwabampofu.


Futhi nawe uyakwazi lokho uJowabe indodana kaSeruya akwenza kimi, nalokho akwenza ezinduneni ezimbili zempi yakwa-Israyeli, ku-Abineri indodana kaNeri, naku-Amasa indodana kaJetheri, owabaholayo. Wayehlabile negazi lempi ngokuthula, wafaka igazi lempi ebhandeni lakhe elalisezinkalweni zakhe nasezicathulweni zakhe ezazisezinyaweni zakhe.


Lapho besetsheni elikhulu eliseGibeyoni, u-Amasa waphuma phambi kwabo. Wayebhincile ingubo kaJowabe abeyigqokile, kukhona ibhande elinenkemba eboshelwe okhalweni lwakhe esigxotsheni sakhe; kwathi esephuma, yawa.


U-Abineri esebuyele eHebroni, uJowabe wamthathela eceleni esangweni ukuba akhulume naye ngasese, wamgwaza lapho esiswini, wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.


Esizweni sakwaGadi, iRamoti kwaGileyadi nedlelo layo, umuzi okhululekileyo wokucekwa; neMahanayimi nedlelo layo,


Ungayithambekisi inhliziyo yami kunoma yikuphi okubi, ukwenza izenzo ezimbi nabantu abenza okubi; futhi ungangivumeli ngidle izibiliboco zabo.


UJakobe wabalekela ezweni lase-Aramu, u-Israyeli wakhonza owesifazane, walusa izimvu ngenxa yowesifazane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite