Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 5:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 U-Efrayimi uyakuba yihlane ngosuku lwesijeziso; phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli ngazisile okuyakuba khona impela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa, ngazisile izizwe zakwa-Israyeli okuqinisekileyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa, ngikumemezele lokho okuqinisekileyo phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 5:9
23 Referans Kwoze  

Kepha amazwi ami nezimiso zami engayala ngakho izinceku zami abaprofethi, akubambanga yini koyihlo na? babuya, bathi: “Njengokuba uJehova Sebawoti wayehlosile ukwenza kithi njengezindlela zethu nezenzo zethu, wenze njalo kithi.


ngimemezele isiphetho kwasekuqaleni nasendulo izinto ezingakenziwa, nithi: Isiluleko sami siyakuma, ngenze yonke intando yami;


Kepha nginitshelile lezizinto, ukuze kuthi lapho kufika isikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela khona. Futhi lezi zinto angishongo kini ekuqaleni, ngoba nganginani.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Umkakho uyakuba isifebe emzini, amadodana akho namadodakazi akho ayakuwa ngenkemba, izwe lakho lihlukaniswe ngentambo; futhi niyofela ezweni elingcolile, futhi u-Israyeli ngokuqinisekile uyoya ekudingisweni asuke ezweni lakhe.


Iziqongo zakwa-Isaka ziyakuba yihlane, nezindawo ezingcwele zakwa-Israyeli zichitheke; futhi ngizovukela indlu kaJerobowamu ngenkemba.


Ngempela, uJehova akenzi lutho, kodwa uyembulile imfihlo yakhe ezincekwini zakhe, abaprofethi.


U-Israyeli uyadliwa; manje bayoba phakathi kwabeZizwe njengento engenanjabulo.


Ngokuba ngiyoba njengengonyama ku-Efrayimi nanjengebhongo lengonyama endlini kaJuda; nami ngiyakuklebhula, ngimuke; ngiyakususa, akakho oyomsindisa.


Ngakho ngiyoba njengenundu ku-Efrayimi nanjengokubola kuyo indlu yakwaJuda.


Ngimemezele kini kusukela ekuqaleni; kungakenzeki ngakubonisa, ukuze ungasho ukuthi: ‘Isithombe sami sikwenzile, nesithombe sami esibaziweyo nesithombe sami esibunjiweyo sakuyala.’


Ngishumayele izinto zakuqala kusukela ekuqaleni; futhi zaphuma emlonyeni wami, futhi ngazibonisa; Ngakwenza kungazelelwe, futhi kwenzeka.


Bathi kuye: “Usho kanje uHezekiya, uthi: ‘Namuhla lungusuku losizi nolokujeziswa nolokuhlambalaza, ngokuba abantwana sebezelwe, amandla okubeletha awakho.


Bheka, liyabhidliza, alinakwakhiwa futhi; uyavala umuntu, kungabe kusavuleka.


Ngoba ngaphambi kokuba umfana akwazi ukwala okubi futhi akhethe okuhle, izwe elizondayo liyoshiywa amakhosi alo amabili.


Lapho behamba, ngiyozendlala phezu kwabo; ngizabehlisela phansi njengezinyoni zezulu; Ngizobajezisa njengokuzwa kwabo ukuhlangana.


Izinsuku zokuhanjelwa sezifikile, izinsuku zokuphindisela sezifikile; U-Israyeli uyakukwazi lokhu: Umprofethi uyisiwula, nomuntu ongokomoya uyahlanya, ngenxa yobuningi bobubi bakho nenzondo enkulu.


Ngalokho nami ngiyakunenza nigule ngokunishaya, nginivunulise ngenxa yezono zenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite