Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 5:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe; ngalokho u-Israyeli no-Efrayimi bayakuwa ebubini babo; uJuda naye uzowa kanye nabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe; o-Israyeli no-Efrayimi bayakukhubeka ngobubi babo; naye uJuda uyakukhubeka kanye nabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Ukuzigqaja kuka-Israyeli kuyafakaza phambi kwakhe, u-Israyeli no-Efrayimi bayakukhutshwa yizenzo zabo ezimbi, noJuda uyakhutshwa kanye nabo.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 5:5
25 Referans Kwoze  

Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe, kepha abaphendukela kuJehova uNkulunkulu wabo, abamfunanga kukho konke lokhu.


Iwile intombi yakwa-Israyeli; ngeke lisavuka; washiywa ezweni lakubo; akakho ongamvusa.


Wathi kuyo: “Ngizakwahlulela ngokuphuma emlonyeni wakho, nceku embi. Ubuwazi ukuthi ngingumuntu olukhuni, othabatha engingakubekanga, avune engingakuhlwanyelanga;


Ngakho niyazifakazela nina ukuthi ningamadodana ababulala abaprofethi.


O Israyeli, phendukela kuJehova uNkulunkulu wakho; ngoba uwile ebubini bakho.


Ngokuba u-Israyeli wamkhohlwa uMenzi wakhe, wakha amathempeli; uJuda uyandise imizi enezivikelo eziqinile, kepha ngiyakuphonsa umlilo emizini yakhe, uqede izindlu zakhe zobukhosi.


Ngokuba ngiyoba njengengonyama ku-Efrayimi nanjengebhongo lengonyama endlini kaJuda; nami ngiyakuklebhula, ngimuke; ngiyakususa, akakho oyomsindisa.


Ngalokho uyakuwa emini, nomprofethi awe kanye nawe ebusuku, ngichithe unyoko.


O Jehova, noma sifakaza ukungalungi ngathi, kwenze ngenxa yegama lakho; ngokuba izizono zethu ziningi; sonile kuwe.


Ngokuba iziphambeko zethu zandile phambi kwakho, nezono zethu ziyafakaza ngathi, ngokuba iziphambeko zethu zikithi; nobubi bethu siyabazi;


Abenza izithombe ezibaziweyo bayize; nezinto zabo ezimnandi ngeke zisize; futhi bangofakazi babo; ababoni futhi abazi; ukuze babe lenhloni.


Ubuso babo bufakaza ngokumelene nabo; futhi bamemezela isono sabo njengeSodoma, abasifihli. Maye emphefumulweni wabo! ngoba baziphindiselela okubi.


Kukhona isizukulwane, yeka ukuphakama kwamehlo aso! nezinkophe zabo zaphakanyiswa.


Ngokuba olungileyo uyawa kasikhombisa abuye avuke, kepha ababi bayakuwela ebubini.


Omubi uyaxoshwa ebubini bakhe, kepha olungileyo ulindela ukufa kwakhe.


Noma bebambene ngesandla, omubi akayeki ukujeziswa, kodwa inzalo yabalungileyo iyasindiswa.


Ukulunga kopheleleyo kuyakuqondisa indlela yakhe, kodwa omubi uyakuwa ngobubi bakhe.


Ububi bakho buyakusola, nezizondo zakho ziyakusola; yazi, ubone ukuthi kuyinto embi nebabayo ukuthi umshiyile uJehova uNkulunkulu wakho nokuthi ukwesaba kwami akukho kuwe, isho iNkosi uJehova Sebawoti.


Ngokuba iJerusalema libhuqiwe, noJuda uwile, ngokuba ulimi lwabo nezenzo zabo zimelene noJehova ukuba bacunule amehlo enkazimulo yakhe.


Thathani amazwi, niphenduke kuJehova; nithi kuye: Susa konke okubi, usamukele ngomusa, ukuze sibuyisele amathole ezindebe zethu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite