Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 5:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Yizwani lokhu, nina bapristi! lalelani nina ndlu ka-Israyeli! lalelani nina ndlu yenkosi! ngoba ukwahlulela kuyeza phezu kwenu, ngoba benilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Yizwani lokhu nina bapristi, nilalele nina ndlu ka-Israyeli, nibeke indlebe nina ndlu yenkosi, ngokuba ukwahlulela kukinina, lokhu nanilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 “Yizwani lokhu nina baphristi, nilalele nina ndlu ka-Israyeli, nibeke indlebe nina ndlu yenkosi, ngokuba ukwehlulelwa ngokwenu, phela nibe wugibe eMizpha nenetha elendlaliweyo eThabhori.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 5:1
29 Referans Kwoze  

Umlindi ka-Efrayimi wayenoNkulunkulu wami, kepha umprofethi ulugibe lomcuphi wezinyoni ezindleleni zakhe zonke, nenzondo endlini kaNkulunkulu wakhe.


Umuntu omuhle ubhubhile emhlabeni, abekho oqotho phakathi kwabantu; bonke bafuna igazi; bazingela, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.


Yizwani lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobe nababusi bendlu ka-Israyeli eninengwa yikulunga, niphendukezela konke ukulunga.


Futhi njengoba uquqaba lwabaphangi luqamekela umuntu, kanjalo uquqaba lwabapristi lubulala ngokuvumelana endleleni, ngoba benza ihlazo.


Wathumela wabiza uBharaki indodana ka-Abinohama eKedeshinafetali, wathi kuye: “Akashongo yini uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukuthi: ‘Hamba uye entabeni yaseThabori, uthathe amadoda ayizinkulungwane eziyishumi kubantwana bakwaNafetali, uhambe nawe, abanye babantwana bakwaZebuloni na?


Manje-ke, nina bapristi, lo myalo uqondene nani.


Iziqongo zakwa-Isaka ziyakuba yihlane, nezindawo ezingcwele zakwa-Israyeli zichitheke; futhi ngizovukela indlu kaJerobowamu ngenkemba.


Iyakwenze njalo kini iBethele ngenxa yobubi benu obukhulu; ekuseni inkosi yakwa-Israyeli iyakushaywa ngesiqalekiso.


Zwanini izwi likaJehova nina bantwana bakwa-Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni, ngokuba akukho qiniso, akukho umusa, akukho kwazi uNkulunkulu ezweni.


Indodana ihlonipha uyise, nenceku inkosi yayo; uma ngingubaba, kuphi ukudunyiswa kwami? uma ngiyinkosi, kuphi ukwesatshwa kwami na? usho uJehova Sebawoti kini, nina bapristi, enidelela igama lami. Futhi nithi: Silidelele ngani igama lakho?


Ngasengisithi: Zwanini-ke, lina zinhloko zikaJakobe, lina babusi bendlu kaIsrayeli. Akukhona yini okwenu ukwazi ukwahlulela?


Ngiyakuhlangana nabo njengebhere eliphucwe amawundlu alo, ngiklebhule ikhanda lenhliziyo yabo, ngibadle khona njengengonyama, isilo sasendle sibadwebe.


Kuphila kwami, isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti: Impela njengeThabori phakathi kwezintaba nanjengeKarmeli ngaselwandle, kanjalo uyofika.


Yisho enkosini nasendlovukazini ukuthi: ‘Zithobeni, nihlale phansi, ngokuba ababusi benu bayakwehla, umqhele wodumo lwenu.


Yizwani lokhu nina maxhegu, nilalele nina nonke enakhileyo ezweni. Kwakukhona emihleni yenu nasemihleni yawoyihlo na?


Bamtshela uSisera ukuthi uBaraki, indodana ka-Abinohama, ukhuphukele entabeni yaseThabori.


USamuweli wathi: “Buthani wonke u-Israyeli eMispa, nginikhulekele kuJehova.


Basebebuthana eMispa, bakha amanzi, bawathulula phambi kweNkosi, bazila ukudla ngalolosuku, bathi lapho: Sonile eNkosini. USamuweli wayala abantwana bakwa-Israyeli eMispa.


Wayehamba iminyaka ngeminyaka eya eBhethele, naseGiligali, naseMispa, waqondisa u-Israyeli kuzo zonke lezo zindawo.


Ngokuba ngabasola nokusola oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe kuze kube namuhla, ngivuka ekuseni ngibasola, ngathi: ‘Lalelani izwi lami.


Zwanini leli zwi uJehova alikhulumayo ngani, bantwana bakwa-Israyeli, ngaso sonke isizukulwane engasikhipha ezweni laseGibithe, ethi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite