Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 4:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngalokho izwe liyakukhala, bonke abakhileyo kulo badangale, nezilwane zasendle nezinyoni zezulu; yebo, ngisho nezinhlanzi zolwandle ziyosuswa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngalokho izwe liyakudabuka, bonke abakhe kulo badangale kanye nezilwane zasendle nezinyoni zezulu; yebo, nezinhlanzi zolwandle ziyakususwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ngalokho-ke izwe liyalila, bonke abahlala kulo bayonda, nezilwane zasendle, izinyoni zezulu, nezinhlanzi zasolwandle kuyashabalala.”

Gade chapit la Kopi




Hoseya 4:3
17 Referans Kwoze  

Ngiyakuqeda abantu nezilwane; ngiyakuqeda izinyoni zezulu, nezinhlanzi zolwandle, nezikhubekiso zababi; futhi ngiyonquma umuntu ezweni,” kusho uJehova.


Uyakhuza ulwandle, alomise, ayomise nemifula yonke; iBashani liyabuna neKarmeli, nembali yaseLebanoni iyabuna.


Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uJehova, uthi: Kuyakuba khona ukulila ezitaladini zonke; futhi kuyo yonke imigwaqo bayothi: Maye! maye! futhi bayobiza umlimi ukuba alile, nalabo abakwaziyo ukusuka ekulileni baye ekulileni.


ukuze kuthuthumele phambi kwami izinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwane zasendle, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, nabantu bonke abasemhlabeni, nezintaba zithuthumele. Idiliziwe, nemimango iyowa, nalo lonke udonga luyowela phansi.


Koze kube nini izwe lilila nezimila zensimu zibuna ngenxa yobubi babakhileyo na? izilwane zaqedwa nezinyoni; ngoba bathi: Kayikubona ukuphela kwethu.


Ngabheka, bheka, kwakungekho muntu, nezinyoni zonke zezulu zabaleka.


Ngeke yini izwe lithuthumele ngenxa yalokhu futhi bonke abahlala kulo balile? futhi liyakukhuphuka liphele njengozamcolo; liyakuphonswa ngaphandle, liminze njengomfula waseGibithe.


Wathi: “UJehova uyakubhonga eseSiyoni, aphakamise izwi lakhe eJerusalema; amadlelo abelusi ayakulila, nesiqongo seKarmeli sibune.


Umhlaba uyalila, udangele, iLebanoni limi ihlazo, ligawuliwe; iSharoni injengehlane; iBashani neKarmeli kuvuthulula izithelo zawo.


Phezu kwezintaba ngiyophakamisa ukukhala nokulila, nesililo phezu kwezindawo zokuhlala zasogwadule, ngoba zishisiwe, ukuze kungabikho muntu odlula kuzo; futhi abantu abakwazi ukuzwa izwi lezinkomo; kwabaleka izinyoni zezulu nezilwane; sebehambile.


Ngokuba izwe ligcwele iziphingi; ngokuba izwe liyalila ngesifungo; izindawo ezimnandi zasogwadule zomile, nokuhamba kwabo kubi, namandla abo awalungile.


Yeka ukububula kwezilwane! imihlambi yezinkomo ididekile, ngoba ayinadlelo; yebo, imihlambi yezimvu isiyincithakalo.


Ngiyakuwukhipha,” usho uJehova Sebawoti, “uyongena endlini yesela nasendlini yalowo ofunga amanga ngegama lami; iyakuhlala phakathi kwendlu yayo, iyiqede nezinkuni zayo namatshe ayo.


Kangiyikubahambela yini ngenxa yalezi zinto? usho uJehova, uthi: “Umphefumulo wami awuyikuziphindiselela esizweni esinjengalesi na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite