Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 4:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Bahlabela eziqongweni zezintaba, benyusa impepho emagqumeni, phansi kwama-oki, nemipopulari, nemifembe, ngokuba umthunzi wawo muhle; ngalokho amadodakazi enu ayaphinga, nabayeni benu bayaphinga.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Bayahlabela eziqongweni zezintaba, bashisa impepho emagqumeni, phansi kwama-oki* nemipopula* nemitherebinte,* ngokuba umthunzi wakho muhle; kungalokho amadodakazi enu ayafeba, nawomakoti benu bayaphinga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Benza imihlatshelo ezicongweni zezintaba, bashise impepho emagqumeni, phansi kwemi-okhi, kwemiphophula nemitherebhinte, ngokuba umthunzi walokho muhle. Ngalokho-ke amadodakazi enu ayafeba, nomalokazana benu bayaphinga.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 4:13
20 Referans Kwoze  

Ngoba bazakuba lenhloni ngezihlahla ze-okhi enizifisayo, njalo lizakuba lenhloni ngezivande enizikhethileyo.


Niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ababuleweyo babo bephakathi kwezithombe zabo nxazonke zama-altare abo, phezu kwawo wonke amagquma aphakemeyo, naphezu kwazo zonke iziqongo zezintaba, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, naphansi kwawo wonke ama-oki aminyeneyo, indawo lapho ama-oki ahlala khona. Othandekayo wazinukela amakha kuzo zonke izithombe zabo.


INkosi yasisithi kimi emihleni yenkosi uJosiya: Ubonile yini akwenzileyo umchasi uIsrayeli? wakhwela phezu kwazo zonke izintaba eziphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, wafeba khona.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Umkakho uyakuba isifebe emzini, amadodana akho namadodakazi akho ayakuwa ngenkemba, izwe lakho lihlukaniswe ngentambo; futhi niyofela ezweni elingcolile, futhi u-Israyeli ngokuqinisekile uyoya ekudingisweni asuke ezweni lakhe.


Njengalokhu bababiza, basuka kanjalo kubo, bahlabela oBali, bashisela izithombe ezibaziweyo impepho.


Ngiyakumhambela ngezinsuku zawoBali, ashumayeza ngazo impepho, wazihlobisa ngamacici akhe nezinto zakhe ezicwebezelayo, walandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa mina,” usho uJehova.


Wakha indawo ephakemeyo kuzo zonke izinhloko zemigwaqo, wenza ubuhle bakho baba yisinengiso, wavulela bonke abadlulayo izinyawo zakho, wandisa ubufebe bakho.


Wathatha ezinye zezingubo zakho, wahlobisa izindawo zakho eziphakemeyo ngemibala eminingi, wafeba kuzo; izinto ezinjalo aziyikufika, futhi aziyikuba njalo.


Vuma kuphela ububi bakho, ukuthi weqe kuJehova uNkulunkulu wakho, wahlakaza izindlela zakho kwabafokazi phansi kwayo yonke imithi eluhlaza, anililalelanga izwi lami, usho uJehova.


Ngokuba ngaphulile ijoka lakho endulo, ngaphula izibopho zakho; wena wathi: Kangiyikweqa; lapho nizulazula niphinga kuwo wonke amagquma aphakeme naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.


Entabeni ende nephakemeyo wabeka umbhede wakho; nawe wenyukela khona ukuyohlabela.


Nishisa nezithombe phansi kwayo yonke imithi eluhlaza, nibulala abantwana ezigodini phansi kwamawa amawa?


Ngokuba nangicunula ngemisebenzi yezandla zenu ngokushisela abanye onkulunkulu impepho ezweni laseGibithe enangena kulo ukuba nigogobale kulo, ukuba nizinqume, nibe yisiqalekiso nesihlamba phakathi kwazo zonke izizwe zomhlaba?


Izintaba zase-Aveni, isono sika-Israyeli, ziyakuchithwa; ameva nekhakhasi kuyakumila phezu kwama-altare abo; bayakuthi ezintabeni: Sisibekeleni; nakumagquma: Welani phezu kwethu.


Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bona kanjalo kuJehova uNkulunkulu wabo owabakhuphula ezweni laseGibithe phansi kwesandla sikaFaro inkosi yaseGibithe, besaba abanye onkulunkulu;


Yadiliza izindlu zabaseSodoma ezazisendlini kaJehova, lapho abesifazane babelukela khona isihlahla izilenge.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite