Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 2:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngokuba wayengazi ukuthi yimina engimnike amabele, newayini, namafutha, ngandisa isiliva negolide abakulungisela uBali.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha akazanga ukuthi yimina engamnika amabele, newayini elisha, namafutha, ngamandisela isiliva negolide abenza ngakho uBali.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Kepha ubengazi ukuthi yiMina obemhlinzeka ngokusanhlamvu, ngewayini elisha, ngesiliva, ngamandisela negolide, abakusebenzisa kuBhali.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 2:8
27 Referans Kwoze  

Inkabi iyamazi umniniyo, nembongolo iyamazi umkhombe womnumzane wayo, kepha u-Israyeli akazi, abantu bami abalaleli.


Manje banezela ukona, bazenzela izithombe ezibunjiwe ngesiliva labo nezithombe njengokuqonda kwabo, konke lokhu kungumsebenzi wezingcweti; bathi ngazo: Abahlabayo mabanga amathole.


Babeka amakhosi, kodwa kungengami; benza izikhulu, mina ngingazi; ngesiliva labo nangegolide labo bazenzele izithombe, ukuze babhujiswe.


Ubufebe newayini newayini elisha kususa inhliziyo.


Nanjengalokho bengathandanga ukuba nokwazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni eyonakeleyo, ukuba benze okungafanele;


Kwathi emva kwezinsuku ezingeziningi indodana encane yayisibutha konke, yamuka, yaya ezweni elikude;


Ngakho bayazihlabela bona kuphela, kuqhamuke intuthu ekuhuduleni kwabo; ngokuba isabelo sabo sinonile kanye nokudla kwabo kuchichima.


Ngoba unina uphingile; owawazala wenza okuhlazisayo; ngokuba wathi: “Ngiyakulandela izithandwa zami ezinginika isinkwa sami namanzi ami, uboya bezimvu bami nelineni lami, amafutha ami nesiphuzo sami.”


Kodwa wena uziphakamisile eNkosini yezulu; aletha izitsha zendlu yakhe phambi kwakho, wena nezikhulu zakho, omkekho, nezancinza zakho naphuza ngazo iwayini; utusile onkulunkulu besiliva, nabegolide, nabethusi, nabensimbi, nabemithi, nabetshe, abangaboniyo, abangezwa, nabangazi; futhi uNkulunkulu okuphefumula kwakho kusesandleni sakhe, futhi owakhe zonke izindlela zakho, awumkhazimulisanga.


Abantwana batheza izinkuni, oyise babasa umlilo, abesifazane baxova inhlama ukwenzela indlovukazi yezulu amaqebelengwane, bathululele abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa, ukuze bangicunule.


Bakhipha igolide esikhwameni, bakala isiliva esikalini, baqasha umkhandi wegolide; futhi ulenza libe unkulunkulu; bayawa phansi, yebo, bayakhuleka.


Baphuma baya ensimini bavuna izivini zabo, banyathela izithelo zomvini, bajabula, bangena endlini kankulunkulu wabo, badla, baphuza, bamqalekisa u-Abimeleki.


U-Israyeli ungumvini ongenalutho, uyazithela izithelo; ngobuningi bezithelo zawo wandisa ama-altare; njengobuhle bezwe lakhe benza izithombe ezinhle.


Kodwa kumelwe nicabange ngoJehova uNkulunkulu wenu, ngoba nguye onipha amandla okuzuza inotho ukuze aqinise isivumelwano sakhe asithembisa okhokho benu ngesifungo njenganamuhla.


wahlala embhedeni omuhle, walilungisela itafula, wabeka phezu kwalo impepho yami namafutha ami.


Inkosi uNebukadinesari yenza isithombe segolide, ukuphakama kwaso kwakuyizingalo ezingamashumi ayisithupha, nobubanzi baso buyizingalo eziyisithupha; wawumisa ethafeni laseDura esifundeni saseBabele.


Lapho u-Efrayimi ekhuluma ngokuthuthumela, waphakama kwa-Israyeli; kodwa lapho ona ngoBhali, wafa.


O Jehova Nkulunkulu wethu, wonke lo mgodo esiwulungiselele ukwakhela igama lakho elingcwele indlu, uvela esandleni sakho futhi ungezakho.


Uyibiyile indlela yami ukuze ngingadluli, ubeke ubumnyama emikhondweni yami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite