Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 2:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngiyakumnika khona izivini zakhe nesigodi sase-Akori njengomnyango wethemba; iyohlabelela lapho njengasezinsukwini zobusha bayo nanjengasosukwini lokukhuphuka kwayo iphuma ezweni laseGibithe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Lapho ngiyakumnika izivini zakhe, nesigodi sase-Akori* sibe ngumnyango wethemba; uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe nasosukwini lokukhuphuka kwakhe ezweni laseGibithe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Kulapho-ke ngiyakumnika izivini zakhe, nesigodi i-Akhori sibe ngumnyango wethemba. Uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe, nanjengosuku lokukhuphuka kwakhe eGibhithe.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 2:15
33 Referans Kwoze  

Bayohlala kulo belondekile, bakhe izindlu, batshale izivini; yebo, bayophila ngesibindi lapho ngenza izahlulelo phezu kwabo bonke ababadelelayo nxazonke zabo; futhi bayokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo.


Hamba umemeze ezindlebeni zeJerusalema uthi: Usho kanje uJehova; Ngicabanga ngawe, umusa wobusha bakho, uthando lomshado wakho, lapho ungilandela ogwadule, ezweni elingatshalwanga.


Lapho u-Israyeli esengumntwana, ngamthanda ngayibiza indodana yami iphume eGibhithe.


Bamisa phezu kwakhe inqwaba enkulu yamatshe kuze kube namuhla. Kanjalo uJehova waphenduka ekuvutheni kwentukuthelo yakhe. Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi: IsiGodi sase-Agori kuze kube namuhla.


Sebefikile, balibuthela ndawonye ibandla, balandisa ngakho konke uNkulunkulu abekwenzile ngabo, nokuthi uvulele abezizwe umnyango wokukholwa.


Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene aphume, afumane idlelo.


Ngiyobuyisela ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli, futhi bayokwakha imizi ebhuqiwe bahlale kuyo; bayakutshala izivini, baphuze iwayini lazo; bayotshala izivande badle izithelo zazo.


Kepha mina ngiyakukhumbula isivumelwano sami nawe ezinsukwini zobusha bakho, ngikumisele isivumelwano esiphakade.


Kuzo zonke izinengiso zakho nobufebe bakho awukhumbulanga izinsuku zobusha bakho, lapho wawunqunu, uyinyumba, ungcoliswe ngegazi lakho.


Lapho ngidlula kuwe, ngakubona, bheka, isikhathi sakho kwakuyisikhathi sothando; ngendlala ingubo yami phezu kwakho, ngembesa ubunqunu bakho; yebo, ngafunga kuwe, ngenza isivumelwano nawe, isho iNkosi uJehova, waba ngowami.


Bayokwakha izindlu bahlale kuzo; bayakutshala izivini, badle izithelo zazo.


Phendukelani enqabeni yasezintabeni, zibotshwa zethemba; namuhla ngiyamemezela ukuthi ngiyakukubuyisela kabili;


Ngiyakukhumbula lokhu engqondweni yami, ngakho ngiyethemba.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Izindlu namasimu nezivini kuyakubuye kuthathwe njengefa kuleli zwe.


Basebekholwa ngamazwi akhe; bahlabelela izindumiso zakhe.


U-Israyeli wayesehlabelela leli culo: “Gxuma, mthombo! cula ngakho:


Mina-ke, nginguJehova uNkulunkulu wenu kwasezweni laseGibithe, ngisazakunihlalisa emadokodweni njengasezinsukwini zemikhosi.


Futhi iSharoni iyoba yizibaya nesigodi sase-Agori sibe yindawo yezinkomo yabantu bami abangifunile.


Njalo ngizachitha izivini zakhe lemikhiwa yakhe athi ngayo: Lezi ziyimivuzo yami ezinginike yona izithandwa zami; futhi ngiyoyenza ibe yisihlahla, futhi izilo zasendle ziyoyidla.


Futhi izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Kawuyikungibiza yini kusukela khathesi, uthi: Baba, ungumkhokheli wobutsha bami?


Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabangayo ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula, kungabi ngeyokubi ukuba ngininike ithemba.


Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lapho ngibutha indlu yakwa-Israyeli ezizweni abahlakazekele phakathi kwazo, ngingcweliswe kubo emehlweni ezizwe, bahlale ezweni labo engalinika inceku yami. UJakobe unawo.


Ngomprofethi uJehova wamkhipha u-Israyeli eGibithe, walondolozwa ngomprofethi.


Kepha mina nginguJehova uNkulunkulu wakho kwasezweni laseGibithe, awazi nkulunkulu ngaphandle kwami, ngokuba akakho umsindisi ngaphandle kwami.


Abantwana bakwa-Israyeli abamkhumbulanga uJehova uNkulunkulu wabo owabakhulula esandleni sezitha zabo zonke nxazonke.


Kwathi, njengokungathi kuyinto elula kuye ukuhamba ezonweni zikaJerobowamu, indodana kaNebati, wathatha u-Izebeli indodakazi ka-Etibhali inkosi yamaSidoni ukuba abe ngumkakhe, wahamba wambulala. Wakhonza uBali, wakhuleka kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite